UMA uPercy Tau ebuyisa ithemba ngokungenziwa abadlali baseNingizimu Afrika ebholeni lomhlaba, kufanele ukuthi noThembi Kgatlana ukhombisile ngokungazuzwa abesifazane uma ithalente labo linakekelwa ngendlela.
UKgatlana (22) uqokwe waba umdlali ovelele kwi-Africa Women’s Cup of Nations (AWCON) esongwe ngempelasonto eGhana iBanyana Banyana iqeda endaweni yesibili ngemuva kokwehlulwa iNigeria ngo 4-3 kumaphenathi.
Umdlalo wamanqamu obuse-Accra Sports Stadium ngeSonto, ubuphele ingekho efuna ukugoba uphondo kuwu 0-0.
Lo mgadli weHouston Dash, e-USA, ushaye amagoli amahlanu kulo mqhudelwano nokumenze wahamba nanomklomelo womgadli ovelele ngaphezulu. Kwenzeka lokhu nje uyena lo mdlali, umqeqeshi weBanyana uDesiree Ellis nokaputeni, uJanine van Wyk, baqokelwe emikhakheni ehlukene kumaCAF Awards azobanjelwa eDakar, eSenegal ngoJanuwari 8.
UKgatlana akaqali ukuqokwa emkhakheni womdlali ovelele kwiCAF njengoba ngo-2017 ebeqokiwe kodwa wakhala ngaphansi kumgadli waseNigeria, * -Asisat Oshoala.
Uthe yize bedumele ngokungayiphakamisi indebe ye-AWCON kodwa ujabule ngokuzuzwe yiBanyana.
“Ngijabule, ngiyazi abanye bazocabanga ukuthi ngiyasangana kodwa ngijabule ngokulwa esikukhombisile kusukela lo mqhudelwano uqala waze wayophela. Kumaphenathi kungenzeka noma yini kumele kube khona onqobayo, okube yiNigeria. Siphoxekile kodwa lide ibanga esesilihambile. Inhloso yethu yokuqala bekuwukuthola ithikithi eliya kwiNdebe yoMhlaba, lokho sikuzuzile. Ukudlala kowamanqamu neNigeria kufane nebhonasi ngoba kukhona abebethi sibashaye ngenhlanhla. Umdlalo (wangoMgqibelo) ukhombisile ukuthi akunjalo,” kusho uKgatlana.
Uthe konke abekwenza enkundleni ubengabhekile ukuzigqamisa yena kodwa ubebuswa ukusebenzela iqembu ukuze kube yilona elizuzayo.
Khonamanjalo azoqhathwa ngoLwesine amaqembu awu-24 azodlala kwiNdebe yoMhlaba eFrance ngonyaka ozayo. INingizumu Afrika, Nigeria neCameroon yibona abazobe bemele i-Afrika kulo mqhudelwano.