UKAPUTENI weMamelodi Sundonws uHlompho Kekana ozifuna zombili izicoco esezisele kwiPremier Soccer League
UKAPUTENI weMamelodi Sundowns usephumele obala ngesifiso sabo sokuqeda isomiso sezicoco kuPremier Soccer League (PSL).

Ngesizini edlule iSundowns inqobe isicoco seCaf Super Cup kuphela iguqisa iTP Mazembe yaseDRC Congo.

Ekhaya ayizange inqobe lutho. Ibhabhadiswe yiBidvest Wits ngo 3-0 kowamanqamu weMTN 8 eMbombela Stadium, eNelspruit, eMpumalanga kwathi kusenjalo yaphinde yagilwa iyona iClever Boys embangweni wesicoco seligi.

KwiNedbank Cup iwashiswe ijezi yiLamontville Golden Arrows kuma-quarterfinal kwathi kwiTelkom Knockout yakhishwa esigabeni esifanayo yiSuperSport ngo 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi.

Kule sizini ivele isiphunyukwe yiMTN 8 ekhale yemuka neSuperSport United kwathi kwiTelkom Knockout yakhishwa ekuseni ishaywa yiChippa United ngo 1-0.

ISundowns iyona eqhwakele esicongweni sePremiership. Ngemuva kwemidlalo engu-25 isiqoqe amaphuzu angu-49. Ivule igebe lamaphuzu amane kwi-Orlando Pirates eyibambe endaweni yesibili kwi-log.

KwiNedbank Cup izotholana phezulu neMaritzburg United eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu emdlalweni we-semi final yalo mqhudelwano ngo-Ephreli 22.

“Sibheke ukunqoba isicoco esisodwa noma zombili lezi esizilwelayo lapha ekhaya. Sifuna ukwengeza ohlwini lwezicoco esesizinqobile kula masizini adlue. Sifuna ukwaziwa njengesizukulwane seSundowns esasibhubhisa yonke into. ISundowns yiqembu okuhlale kubhekwe ukuthi lenze kahle. Sifuna ukufinyelela kowamanqamu weNedbank Cup bese sigcina indawo yethu esicongweni. Konke kusezandleni zethu ngesicoco seligi. Asizimisele ngokwenza iphutha esilenzile ngesizini edlule sidedela isicoco seliyoshona kwiWits. Sifundile emaphutheni ethu. Sifuna ukujabulisa abalandeli bethu ngezicoco ngoba ngesizini edlule asiwinanga lutho ekhaya,” kusho uKekana.

Ngempelasonto edlule iSundowns iguqise iBaroka ngo 2-1 ePeter Mokaba Stadium emdlalweni weligi. Lokhu kwenze yanweba igebe phakathi kwayo neZimnyama.

“Ngeke sikhale ngokuthi asitholi isikhathi esanele sokuphumula. Mhlawumbe sisaqala besikhala kodwa manje sesijwayele. Ukudlala ibhola kungumsebenzi wethu ngakho asikho isidingo sokukhala. Yebo singathanda ukuthola isikhathi esiningi sokuphumula kodwa akukho esingakwenza. Sekuseduze phambili ngakho kumele sibekezele kuze kube yisekugcineni,” kusho uKekana.

NgoMgqibelo ngo-3 ntambama, iSundowns izobhekana neBidvest Wits eLoftus Versfeld Stadium koweligi.

“IWits iqembu elihlale lisithwalisa kanzima. Ngeke kube ngumdlalo olula kodwa sifuna ukuqhubeka nomgqigqo wethu omuhle wokunqoba. Inhloso yethu wukuyinqoba yonke le midlalo esele,” kusho uKekana.