UZWAKALISE ukungayikhathaleli imiklomelo yomuntu ngayedwa ukaputeni weMamelodi Sundowns, uHlompho “Gonzalez” Kekana ohlulwe uThembinkosi Lorch we-Orlando Pirates kumaPSL Awards ka-2019 eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre ngeSonto ebusuku.
UKekana (33) uthobe inhliziyo ngomklomelo womdlali ovelele esiswini kwiPSL ngo-2018/2019 ngemuva kokuncintelwa nguLorch kwiPSL Footballer of the Season nePSL Players’ Player of the Season.
Uzakwabo kaKekana, uThemba Zwane obebanga nabo benoLorch, uhambe encela izithupha.
UKekana uye emcimbini wangeSonto ethwelwe ngeqoma, abanye abaqeqeshi bezwakalise ukuhamba naye kodwa zajika izinto.
“Angiyikhathalele imiklomelo yomuntu ngayedwa kangangoba ngisho ngiqokwa kwiSuperSport (United) (ayidlalele phakathi kuka-2008 no-2010) ngokuba umdlali ovelele nangePlayers’ Player of the Season, lowo mklomelo ngawunika omunye umdlali ngoba nganginomuzwa wokuthi umfanele ukudlula mina. Njengamanje ngijabulela ukuthi nginqobe isicoco,” kusho uKekana, okhuthazwa ngamazwi kaSir Alex Feguson ahlangana naye eneminyaka ewu-12.
“Wangitshela ukuthi uma ngingazimisela ngonobhutshuzwayo ngingaba ngomunye wabadlali basesiswini abaphambili emhlabeni. Njengamanje ngiphila ngokwethemba engikwazi ukukwenza enkundleni. Ngiyakhumbula ngineminyaka engu-12 kuya kwengu-14 ngihlangabeza i-Orlando Pirates eJan Smuts ibuya ekunqobeni iChampions League (ngo-1995) ngaphinda ngayiphakamisa nami sengineminyaka ewu-30.”
Ebuzwa ukuthi akaphoxekanga yini eshweba umklomelo womdlali ovele okuyinto esimjwayele, uthe: “Nakancane (angiphatekile kabi). Ngihlezi ngisho ukuthi ngiyazi ukuthi ngenzani futhi ngiyazi ukuthi ngikwenzelani. Ngihlonipha umdlalo. Ukhumbule ukuthi ngihola iqembu elinjengeMamelodi Sundowns, lapho inganakwa eyokubahlabana ngawedwa. Sihlezi sibheka amarekhodi eqembu.
“Kuyimanje sisezicocweni eziyisishiyagalolunye. Mina ngineziyisithupha. Ngesizini ezayo sizobe sifuna esinye seshumi. Kuzoba mnandi uma singanqoba esinye isicoco.”
IDowns isizinqobe zonke izicoco ngaphandle kweMTN8.
“Eqenjini elinjenge Sundonws kufanele sizinikele. Yingakho kumele ngibonge ozakwethu ngokuzinikela babeke impilo yangasese eceleni. Kufanele ngibabonge ngokungisiza nginqobe isicoco sesithupha okuyirekhodi eMzansi nokuthembela kimi ekubeni umholi wabo.
“I-MTN8 ngesinye sezicoco esifuna ukuzinqoba. Kodwa sifuna ukukhunjulwa njengesizukulwane esaletha izinkomishi eziningi kwiMamelodi Sundowns.
Mayelana nokuthi amandla okuyibamba emgqigqweni uwathathaphi, uthe:“Ngingathi wuthando lomdlalo nesipho emndenini wami nasemphakathini waseZebediela. Bonke bangithembile ukuthi ngibamele. Ngingakhohlwa ngumama wami, obengeseka kusukela ekuqaleni kwakho konke. Labo bantu angikwazi ukubaphoxa,”kusho le njini yeBafana Bafana.