UNOZINTI weBidvest Wits, uDarren “Popayi” Keet, usegcine ehlanze ngedela ekubangeni ijezi leBafana Bafana no-Itumeleng “Spiderkid” Khune.
Useyakwamukela ukuthi sekuyolamula ukulimala kukaKhune ukuze athole ijezi.
UKeet uthe uyohlale ekuthokozela ukubizwa eqenjini lesizwe kodwa uyazi ukuthi kusazoba nzima ukuthi adlale ngoba unozinti weKaizer Chiefs, uKhune, usavimba kahle.
Bobabili onozinti bebekhona kwiBafana ebidlala neLibya emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) eMoses Mabhida Stadium emasontweni amabili edlule. Omunye unozinti obekhona nguRonwin Williams ovimbela iSuperSport United.
Nakuba kuyiphupho lawo wonke umdlali ukugqoka ijezi leqembu lesizwe, uKeet uthe uyazi ukuthi kusazoba lukhuni satshe ukuthola ijezi kuKhune. UKeet ukhulume nezintatheli ngemuva komdlalo weWits neMaritzburg United ophele ngo 0-0 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoMgqibelo ebusuku.
“Empeleni akuyona into engifuna ukukhuluma ngayo (esho indaba kaKhune). Okwami wukwenza umsebenzi wami, inqobo nje uma ngisabizwa kwiBafana. U-Itu (Khune), usedlale eqenjini lesizwe isikhathi eside futhi uyisebenzele indawo yakhe. Ngiyazi ukuthi ngizogcina ngilitholile ithuba lami, ngakho kuyofanele ngilisebenzise. Kodwa cha okwamanje, akukho engingakwenza ngesimo sonozinti kwiBafana futhi akukho engingakusho kushintshe isimo. Okwami wukuqhubeka nokusebenza kanzima kwaphela,” usho kanje uKeet.
UKhune uthathwa njengenkunzi kanozinti. Eeminyakeni edlule kuke kwaba nabanye onozinti abebengayizwa eyokubanga ijezi naye. Omunye wabo nguMoeneeb Josephs ovimbela AmaZulu FC owake waphumela obala wathi kunzima ukubanga ijezi noKhune, kangangoba kuthiwa esinye sezizathu esenza washiya kwiBafana ukuduva ebhentshini abukele uKhune.
Muva nje uBrilliant Khuzwayo, obevimbela iChiefs eminyakeni edlule, naye ugcine eshiyile, wasayina nezimbangi ezinkulu zaMakhosi, i-Orlando Pirates. Imibiko engaqinisekisiwe ithi uKhuzwayo, odabuka eMlaza, eThekwini, ubesekhathele ukuba yisichuse kwiChiefs ngenxa yokuthi wuKhune obedla ijezi.