UJOMO Sono, ongumnikazi weJomo Cosmos, futhi ongumqeqeshi wayo, uthi ngesizini ezayo ezakhe zizobuya ngamandla njengoba zingagculisanga njengokwejwayelekile kwiNational First Divison (NFD) kule sizini.
Ezenkosi zidonsa kanzima kunombolo 13 kwi-log yeNFD kanti sezisalelwe imidlalo emine.
Ngalesi sikhathi sesizini, iCosmos isuke isibalwa namaqembu alwela ukuthola imidlalo yokuhlungela ukungena kwiPremiership.
Okungenzeka ukuthi kubulale umgqigqo weCosmos, udaba lwamaholo njengoba kuke kwavela phambilini ukuthi abadlali bebengasayitholi imiholo yabo.
Kubukeka sengathi akuyona leyo nkinga kuphela efadabalise ezikaSono kule sizini.
“Angingabazi ukuthi sizobuya ngamandla ngesizini ezayo ngoba sekukhona uzinzo manje kubadlali bami.
Besivele singalindele lutho kule sizini ngoba silahlekelwe abadlali abalinganiselwa ku-35, kwasho khona ukuthi sekufanele siqale phansi. Ngijabule kodwa njengamanje ngoba izinto ziyahlangana,” usho kanje uSono.
Ngokusho kukaSono udinga abadlali abambalwa abazoqinisa iqembu lakhe ngesizini ezayo.
“Ngicabanga ukuthi sidinga abagadli ababili esizofolosa ngabo. Sengixoxile nabo, yikona nje ukuthi abazudlala kule sizini ngenxa yemigomo yeligi.
Ngingathi nje abalandeli bethu kufanele bakuqonde ukuthi ukuqala iqembu phansi akulula neze kodwa kuzolunga. Okuchaza kakhulu ukuthi siyabuyela kancane ebholeni lethu. Sesiyakwazi futhi ukugcina ibhola obese kuyinto ebisehlula,” kusho uMjomane.
Umdlalo olandelayo weCosmos izowudlala neReal Kings ngoMgqibelo, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-3 ntambama.
Imidlalo yeNFD kule mpelasonto:
NgoMgqibelo:
Ubuntu Cape Town v Richards Bay (Athlone Stadium, 3pm), Stellenbosch v Uthongathi (Idas Valley Stadium, 3pm), Real Kings v Jomo Cosmos (King Zwelithini Stadium, 3pm), TS Sporting v Pretoria University (Kabokhweni Stadium, 3pm), Witbank Spurs v Mbombela United (Puma Stadium, 3pm)
NgeSonto:
Ajax Cape Town v Cape Umoya United (Cape Town Stadium, 3pm), TS Galaxy v Royal Eagles (Kameelrivier Stadium, 3pm), Maccabi FC v Tshakuma Tsha Madzivhandila (Dobsonville Stadium, 3pm).