UMQEQESHI waMaZulu FC, uCavin Johnson, uthi unomsebenzi onzima wokubuyisa ukuzethemba kubadlali bakhe basemuva, ababhacazile bephanisa ngamagoli Usuthu lubhekene neKaizer Chiefs ngoLwesithathu.
Liphele nya irekhodi loSuthu lokungashayelwa ekhaya eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, njengoba iNyokana Eluhlazana ikhale ngaphansi ishaywa Amakhosi ngo 3-2 kowe-Absa Premiership.
Kulo mdlalo ubungafunga ukuthi uTapelo Nyongo noMarc Van Heerden baloyiwe ngenxa yamaphutha abawenzile. UNyongo wenze inkunz’malanga yephutha imizuzwana ingu-28 ebhodini, ezama ukuphasela unozinti wakhe uSiyabonga Mbatha.
UNyongo ushaye iphasi engathi shu, uLeornado Castro weChiefs wabheka inethi lapho ingakhona, lahlangana kabi noVan Heerden umkhonto wagwaza ekhaya.
Emdlalweni ofanayo, noVan Heerden uphinde waphasela uCastro endaweni eyingozi kodwa nhlanhla leyo lwasinda Usuthu kulo mdlali waseColombia.
Igoli lesibili elishaywe iChiefs, liveze ngokusobala ubuthaka boSuthu njengoba kushayisane ngamakhanda uSibusiso Mabiliso noVan Heerden, uBernard Parker ongumgadli weZimpofana wahlanganisa ibhola nenethi.
UJohnson uvumile ukuthi ukuboza kwalolu hlobo odongeni lwakhe akuvumelekile neze kodwa awukho umgodi wokulahla umuntu.
“Akufanele sibakhiphe inyumbazane ngoba nakhu bebe nomdlalo omubi. Ngeledlule badlale kahle sibhekene neHighlands Park kodwa sibhekene neChiefs abadlalanga neze kahle futhi akwamukelekile. Lokhu kusishiya nomsebenzi onzima wokubuyisa ukuzethemba kubona, ngoba sisazobadinga nangomuso,” usho kanje uJohnson.
Bekungokokuqala Usuthu lushayelwa ekhaya kule sizini. Lushaywa nje, selubambe inqwaba yamaqembu okubalwa kuwona i-Orlando Pirates abadlale nayo ngokulingana ngo 1-1, neMamelodi Sundowns abayibamba ngo 3-3, eMlaza.
“Siphatheke kabi sonke ngokuphuka kwerekhodi lethu lokungashaywa ekhaya kodwa-ke kuzokwenziwa njani, impilo iyaqhubeka. Kufanele sizame ukubuya ngamandla silungise amaphutha emuva, siphinde sisebenzise amathuba esiwatholayo,” kusho uJohnson.
Umdlalo olandelayo woSuthu ngowomqhudelwano iNedbank Cup lapho luzobhekana khona neHighlands Park ngoJanuwari 25, eKing Zwelithini Stadium.