AKAFUNI nokulizwa igama elithi “izembe” umqeqeshi waMaZulu FC, uCavin Johnson, onengcindezi yokususa Usuthu emsileni kwi-log ye-Absa Premiership.
AmaZulu anamaphuzu amathathu emidlalweni eyisishiyagalolunye. Nakuba isizathu salokhu sesachazwa kaningi kodwa uJohnson ubona kuseva ukuthi sekungaqalwa kukhulunywe ngokuvika izembe.
Lokhu ukusho ngemuva komdlalo wezakhe ne-Orlando Pirates kuma-quarter final eTelkom Knockout (TKO) ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium.
“Igama elithi izembe, akulona igama engifuna ukulizwa nokulicabanga njengamanje. Sizoba nekhefu leFifa kungekudala, engicabanga ukuthi lizosiphazamisa kodwa akufanele sizikhathaze ngalokho. Kuyangikhathaza ukuthi singenelwa amagoli ngamaphutha ethu esingawalungisa. Amaphutha asemuva yiwona asibulalayo, nengicabanga ukuthi kufanele siwalungise kungekudala,” kuchaza uJohnson.
AmaZulu anemidlalo eyisithupha azoyidlala ngaphambi kwekhefu lamaholidi kaDisemba. EzikaJohnson zizobhekana nePolokwane City ngoNovemba 11 ekhaya, zidlale neHighlands Park ngoNovemba 27 ekuhambeni. Usuthu luzogoqa le nyanga ngomdlalo neChippa United ngoNovemba 30 ekuhambeni.
NgoDisemba 12 AmaZulu azodlala neBloemfontein Celtic ekhaya, kuthi ngoDisemba 15 ahambele eLimpopo ukuyobhekana neBlack Leopards. Umdlalo wokugcina ngaphambi kwamaholidi kaDisemba azowudlala nomkhaya iLamontville Golden Arrows ngoDisemba 22.
Noma AmaZulu enakho ukuvuza emuva, into uJohnson akhala ngayo kodwa phambili abukeka enabagadli abakulambele ukushaya amagoli ku-Emiliano Tade noBongi Ntuli bobabili asebevalele phakathi amagoli amathathu ngamunye. UTade noNtuli bayasizana kakhulu njengoba omunye enamandla nasekhanda emuhle, kanti omunye uyashesha uyakwazi nokungena ezikhaleni ngokushesha.
“Ngijabule kakhulu ngabagadli bethu, bayasizana kakhulu. Kusazofanele bakujwayele ukudlala ndawonye ngoba mkhulu umonakalo abasazowenza uma beke bajwayelana kahle,” kuphetha uJohnson.