UKHONJWA kwiKaizer Chiefs uJeremy Brockie olizwe ngendaba ijezi ngesizini edlule kwiMamelodi Sundowns engompetha be-Absa Premiership.
Leli phephandaba lithole ngomthombo walo ongaphakathi kwiSundowns ukuthi uBrockie ungomunye wabadlali iChiefs efuna ukuqinisa isikwati sayo ngabo ngesizini ezayo.
Ngokusho komthombo lo mgadli waseNew Zealand angase ashintshane noKabelo Mahlasela odlala esiswini okuthiwa ufunwa eChloorkop nguPitso “Jingles” Mosimane.
Umthombo uqhube wathi ngenxa yokungasitholi isikimu kwiDowns noBrockie useke wakhuluma noMosimane emcela ukuthi amdedele ngoba kuyacaca ukuthi akekho ezinhlelweni zakhe.
“Ziqalile izingxoxo phakathi kweChiefs neSundowns. UMosimane useshilo ukuthi akanankinga ngokumdedela uBrockie inqobo nje uma ezothola uMahlasela. Nakuba seyihambile iminyaka yobudala kuBrockie kodwa kuthiwa u-Ernst Middendorp umbona engaba yikhambi ekushayeni amagoli. Angikuboni osekungavimba ngoba naye uBrockie uzwakala ekulangazelele ukuya eNaturena,” kubeka umthombo.
UMike Maakab, oyimenenja kaBrockie, uthe akhona amaqembu amfunayo lo mgadli. Uthe nokho okweChiefs ngeke akuvume noma akuphike.
UVina Maphosa uthe ubengakatshelwa ehhovisi ngodaba lukaBrockie.
“Ngicabanga ukuthi kuleli sonto iqembu lizoba nomhlangano elizobhunga kuwo ngabadlali elibafunayo nelizobadedela. Ngeke ngiveze kwabezindaba ukuthi sifuna bani. Njengokujwayelekile sizokhipha isitatimende mayelana nezinhlelo zoqembu,” kubeka uMaphosa.
UMosimane ucashunwe ethi uBrockie uzenze yena ngokushweba amagoli.
Okuqinisa amathuba okuhamba kukaBrockie kuphinde kwaba wukuveza kwalo mqeqeshi ukuthi uthungatha umgadli oseqophelweni eliphezulu.
“Ngicabanga ukuthi okumbulele kakhulu uBrockie wukufika kukaLebogang Moboe, ofike washaya amagoli amaningi. Yini okwakufanele ngiyenze? Kwakumele ngingamdlalisi uMaboe noma enza kahle? Okunye okumshayile wukulimala. Lokhu kugcine kungiphoqa ukudlalisa uThapelo Morena phambili nakuba engumdlali wasemuva. UThemba Zwane noSibusiso Vilakazi bayawashaya amagoli. Angisho ukuthi uBrockie akazimiseli, uyazama, kube yibhadi nje,” uMosimane ucashunwe esho kanje.
UBrockie ofike ngoJanuwari wangonyaka odlule eChloorkop ushaye igoli elilodwa. Udlale imidlalo ewu-15 kuhlanganisa iligi neyeMTN8 neyeTelkom Knockout. KwiSuperSport United abesuka kuyo uhambe eseshaye amagoli angu-28 kwiligi nayishumi emdlalweni yeCAF. Udlale imidlalo ewu-81. Kumuva banye abadlali abasuke kwiDowns baya kuChiefs uKhama Billiat waseZimbabwe noLeonardo Castro waseColombia.
Ngasekupheleni kwesizini kuvele ukuthi ne-Orlando Pirates imgaqele uBrockie.
Kuthiwa icuphe ngaye uma ingamtholi uYauba Songne ongumgadli we-Asante Kotoko yaseGhana.