ANGASE abuyele phesheya umdlali weBafana Bafana, u-Andile “Gattuso” Jali, uma egcina engavumelani neMamelodi Sundowns ngomholo.
Isolezwe lihabule ngomthombo othembekile ngesikhathi lizothamela umdlalo weKaizer Chiefs neFree State Stars eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngempelasonto ukuthi uJali uyaxoxa namaBrazillians kodwa kubambe imali.
Ngeledlule uJali uhlukene neKV Oostende yaseBelgium abekade egijima kuyo. Inkontileka yakhe neqembu ibivele iphela ngoJuni.
“Njengoba ngangikutshelile, inkinga yindaba yeholo likaJali. ISundowns ifuna ehlise umholo. Ayinayo inkinga yokumkhokhela isamba sokusayina. Emaqenjini akhona eNingizimu Afrika, iSundowns iyona kuphela engakwazi ukukhokhela uJali imali ayifunayo. I-Orlando Pirates ike yasifaka isicelo kodwa asigculisi. Okwamanje ibingakazimiseli ngokusishintsha. Ngakho uma egcina engavumelani neSundowns ngemali kungenzeka aphethe ngokuthi abuyele phesheya,” kusho umthombo.
UJali uzakhele igama kwiPirates ngaphambi kokuthi awelele phesheya. EBelgium uhlale amasizini amane.
“UJali, imenenja yakhe, uMike Makaab, noPitso Mosimane, ocija iMamelodi Sundowns, bazohlangana ngemuva komdlalo wayo neMaritzburg United eHarry Gwala Stadium (namuhla ngo-7.30 ebusuku). Ngicabanga ukuthi umhlangano uzocacisa ngakho konke ukuthi kuyavunyelwana yini noma cha. Uma kugcine kungavunyelwana, uMakaab useyombhekela phesheya. Ungethuki uma ekhuluma neCercle Brugge le efuna * -Anele Ngcongca uma indaba yeSundowns igcina ingalungi,” kusho umthombo.
UMike Makaab uthe: “Ngizohlangana noJali kuleli sonto ukuzobhunga ikusasa lakhe. Angiyazi eyokuhlangana neSundowns. Mayelana nokuthi ufuna imali enkulu kuya ngokuthi ukuliphi uhlangothi. Uma esohlangothini lwethu uzothi iqembu elithize lifuna ukumnika imali encane kanti uma ekolunye uhlangothi uzothi ufuna imali enkulu. Kuya ngokuthi ungakuluphi uhlangothi uma sikhuluma ngeholo lomdlali. Enye into okumele ngiyicacise wukuthi akhona namaqembu aphesheya afuna uJali.”
Kuyaziwa ukuthi uJali uyazifela ngePirates kodwa ukugodola kweZimnyama nemali yikona okwenza kubukeke kunzima ukuthi abuyele kuzona.
Namuhla iMamelodi Sundowns izobhekana neMaritzburg emdlalweni weligi ixhugela ngoba kulimale uNgcongca kwathi uGaston Sirino wathola ikhadi elibomvu ngeSonto. Kulo mdlalo iSundowns ishaywe ngo 3-1 yawasha ijezi kwiNedbank Cup ka-2018.
IMIDLALO ye-Absa Premiership:
Namuhla ngo-7.30 ebusuku: SuperSport United v Free State Stars (Lucas Moripe Stadium); Maritzburg United v Mamelodi Sundowns (Harry Gwala Stadium); Platinum Stars v AmaZulu FC (Royal Bafokeng Stadium); Orlando Pirates v Bidvest Wits (Orlando Stadium); Polokwane City v Cape Town City FC (Old Peter Mokaba Stadium)