UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, uhlabane ngokungaphezulu kwamaphuzu amathathu amqoka emdlalweni we-Absa Premiership nePolokwane City obekungokokuqala ewina (kwiRise and Shine) kusukela ngo-2015.
IPirates, ezibeke esicongweni ngalo mphumela, isebenzise inqwaba yabadlali abangalijwayele ijezi obekuyisethembiso esenziwe yilo mqeqeshi ngempelasonto. UMicho uhlabeke umxhwele ngendlela abaziphathe ngayo laba badlali esingabala kubona u-Asavela Mbekile, Jackson Mabokgwane, Linda Mntambo, Mpho Makola, Paseka Mako, Marcelo da Silva nabanye abaningi.
“Ngaphandle kwamaphuzu agcwele futhi amqoka, kungaphezulu engikuzuze kulo mdlalo ngoba ngiye kuwona nginezinto eziningi emqondweni wami. Asizange sibe nesikhathi esanele ukuhlelela lo mdlalo kwazise besidlala iTelkom Knockout ngempelasonto.
“Lokhu kubange ukuthi size kulo mdlalo nesikwati esingaqinile zindawo zonke. Abadlali abahlanu badlalile kwiTelkom ngakho-ke bebewulungele lo mdlalo kodwa abanye abahlanu kubona bebengakaze badlale isikhathi eside. Akuzange kubukeke kahle esiwombeni sokuqala kodwa ngekhefu sithe ukushintsha kancane nangempela izinto zaqala zaqaqeka,” kusho lo mqeqeshi.
“Akukho okungijabulise njengokwazi ukuthi nginabadlali abakulungele ukungena noma yinini uma bedingeka. Ukuzimisela kwabadlali kungaphezulu kwamaphuzu futhi ukuthi uJustin (Shonga) ushaye igoli lapha ngoba ubethwele kanzima impela kulezi zinsuku ezedlule. Nakuba ngingavumelani nalaba abamgxekayo kodwa kungijabulise kakhulu ukuthi athole igoli. Emidlalweni edlule wakhe amagoli amathathu washaya elilodwa. Kimina lokhu kungaphezulu kwalokhu engikubheke kuyena kodwa uyena futhi othwaliswa kanzima uma eshweba amagoli,” kusho uSredojevic.
Akazange afune ukuphawula ngomdlalo wakhe olandelayo lapho ezovakashela khona iMamelodi Sundowns okuyiyona evikela isicoco seligi.
“Ngibona kungcono ukuthi ngingaphawuli ngalowo mdlalo kepha ngingathembisa ukuthi sizogxila ekuqinisekiseni ukuthi iqembu langoMgqibelo ePitoli lizobe libumbeke ngendlela esigculisayo,” usho kanje.
Kumthokozisile uMicho ukuthi iqembu lakhe likwazile ukuyikhohlwa indaba yokuthi iPolokwane ibathwalisa kanzima yanqoba. Kulo mdlalo kulindeleke ukuthi kubuye zonke izitswebhu zalo mqeqeshi esingabala kuzona uXola Mlambo, Vincent Pule noSiyabonga Mpontshane ezintini.