UMGADLI waMaZulu FC uBongi Ntuli, uthi nakuba ejabule ngokuthi uphumile “eGibhithe” kodwa inkumbulo yomlingane wakhe u-Emiliano “Nkathazo” Tade osejoyine iqembu lakhe elidala iMamelodi Sundowns, isazoba khona.
UNtuli usengumdlali woSuthu ngokuphelele manje kulandela ukuthi iMamelodi Sundowns isayine uTade abedlala naye oSuthwini, yaphinde yanezezela ngemali ngaphezulu. Indawo kaTade, ivalwe uTalent Chawapiwa waseZimbabwe obegijimela iBaroka FC.
Laba bagadlali bobabili (uNtuli noTade) bebedlala kahle kwiNyokana Eluhlazana ezinyangeni eziyisithupha njengoba beneziphiwo ezingefani kodwa ebezibenza bashaye amagoli.
UNtuli unomzimba, namandla futhi uyakwazi ukufohla nokugcina ibhola. Ngakolunye uhlangothi uTade, ubeshesha kakhulu, ekwazi ukubona ipali futhi nama-free kick ubekwazi ukuwashaya. Lokhu kwenze amaqembu amaningi athwala kanzima kwi-Absa Premiership ngeziphiwo zabo.
UNtuli uveze ukuthi ujabule ngokuthi ushiyile kwiSundowns ebimphendula umantuntanendishi ngokumbolekisa. “UTade ubengenza ukuthi ngikwazi ukudlala kahle, futhi ngishaye namagoli. Nginganezezela ngokuthi bese sazana kahle kakhulu, neminyakazo yethu besiyazi. Kodwa-ke ibhola linjalo, kufanele sikwamukele ukuthi usehambile, sisebenze ngabadlali abakhona. UTade ngimfisela inhlanhla eqenjini lakhe elisha,” usho kanje uNtuli.
UNtuli oke wagijima nakwiLamontville Golden Arrows, uphinde waphawula ngokushiya kwakhe kumaBrazilians.
“Ngijabule kakhulu ukuthi ekugcineni ngigcine ngiphumile laphana kwiSundowns. Bekuyisifiso sami ebese kunesikhathi ngifisa senzeke,” kuqhuba uNtuli.
Ngokusho kukaNtuli, uChawapiwa odlalela iqembu lesizwe laseZimbabwe, uzosivala khaxa isikhala sikaTade.
“Ukuhamba kukaTade kusinike amanye amaqhinga okuhlasela, nengicabanga ukuthi uChawapiwa uzodlala kahle nathi. Simbonile abekwenza kwiBaroka, nakuba engafani noTade, kodwa asingabazi ukuthi uzofika aqhubeke lapho egcine khona lapha kuMaZulu,” kuphetha uNtuli.