UKUSHAYELA ihlombe ukukhethwa kukaRia Ledwaba njengelinye lamaphini amabili kwiSouth African Football Association (Safa), u-Amanda “Toki” Dlamini, obengukaputeni weBanyana Banyana eminyakeni edlule.
Le ntokazi yaseHarding, edlalele iBanyana amahlandla awu-96, yavalela amagoli angu-24, ithe ukusondela ngokwesikhundla kukaLedwaba obe ngowesifazane wokuqala ukuba yiphini likamengameli kwiSafa, kufanele kubukeke ngokuthi yisiqalo esisha ebholeni labesifazane.
“Ngijabule ngokuqokwa kwakhe kepha angifisi ukuqokwa kwakhe kube wukuthi uvalwa umlomo. Ngifisa kucace ukuthi sekukhona owesifazane kubaholi beSafa. Usehlale isikhathi eside kwiSafa futhi ubezama ngakho konke okusemandleni ukufukula ibhola labesifazane. Ngiyafisa abe khona uma kuthathwa izinqumo ngebhola labesifazane ngoba iqiniso ukuthi lisasilele kakhulu,” kusho u-Amanda oqokwe njengenxusa elisha lakwaLeureus Sport for Good Foundation ngoLwesihlanu, eMhlanga.
Olunye udaba olusematheni ngebhola labesifazane wukuthi kunombono wokuthi kufanele kuqale iligi yabesifazane ezofana ncamashi ne-Absa Premiership. Ukwakha iligi yabesifazane ewulolu hlobo kuzolekelela ngamathuba omsebenzi ezingxenyeni ezahlukene, kuphinde kulekelele namaqembu esizwe emiqhudelwanweni emikhulu njengoba licaca igebe asele ngalo emazweni anamaligi abesifazane.
“Umama uRia kade ayefuna ukuthi kube khona iligi yabesifazane esezingeni eliphezulu. Ngigcine kuwukuthi bekusashoda abaxhasi ukuze igcine isunguliwe. Kodwa okufanele sikuqaphele wukuthi abadlali badinga ukucijwa besebancane njengoba kucaca ukuthi abadlali baze bakhule besashoda ngezinkulisa emazingeni aphansi. Ngiyazi ukuthi amaqembu akhona angadlala kwiligi kodwa mhlawumbe kubambe uhlelo oluzolandelwa nabaxhasi abazoyeseka ngoba ekugcineni inhloso ukuthi iBanyana Banyana ithuthuke, ibe sezingeni eliphezulu imelane nezikhondlakhondla zamanye amazwe,” kusho * -Amanda Dlamini.