‘ABANTU abakukhonzile ubabona ngezikhathi ezinzima’.
Lawa ngamazwi ashiwo ngumqeqeshi weBidvest Wits, uGavin Hunt, othi uzibophezele ekusizeni uThandani “Bibo” Ntshumayelo athole iqembu, abuyele ebholeni.
UNtshumayelo ubemisiwe ebholeni kulandela ukutholakala enesidakamizwa i-cocain egazini. Nokho ngeledlule, konke lokho kuphenduke umlando lapho iSouth African Institute for Drug Free Sport (Saids) imkhulula ukuthi usengabuyela ebholeni, yamlengisela iminyaka emibili, kwemine ayemiswe yona.
Ngemuva komdlalo weWits neMaritzburg United eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ophele ngo 0-0, uHunt utshele izintatheli ukuthi kule minyaka emibili uNtshumayelo ethwele kanzima, bebexhumana njalo, emeseka ebunzimeni abebhekene nabo ngemuva kokunqanyulwa kwenkontileka yakhe yi-Orlanod Pirates ngo-2016.
“Bengimthinta ngocingo kule minyaka emibili, sixoxa naye ngimduduza. Kusezikhathini ezinzima lapho ubona khona abantu abakuthandayo nabakufisela into enhle. Kube yiphutha leli alenzile, uyakwazi naye lokho futhi usejezile. Sekuyisikhathi sokuthi konke lokho akudlulise manje, aqhubeke nempilo,” usho kanje uHunt.
Lo mqeqeshi uphinde wakuqinisekisa ukuthi uNtshumayelo uzoziqeqesha nezakhe.
“Yebo kunjalo, uzoziqeqesha nathi ngoMsombuluko. Ngimazi kudala esemncane kwiSuperSport United. Ngiyazi ukuthi unesiphiwo esiyisimanga, futhi usemncane, uneminyaka nje ewu-28, ngakho bengingeke ngimbukele esenkingeni. Sizoziqeqesha naye, sizame ukubuyisela umzimba wakhe esimeni esihle. Lokho akusho ukuthi uzosayina nathi, kungenzeka athathwe abanye, akunankinga. Inhloso enkulu ukuthi ngifuna ukumsiza abuyele emsebenzini wakhe, aqhubeke nempilo,” kusho uHunt obumbona nasebusweni ukuthi indaba kaNtshumayelo imphethe kabi.
UNtshumayelo ukuvezile ukuthi isimo besinzima kakhulu empilweni yakhe kangangoba uke wacabanga nokuzibulala. Uveze nokuthi wadlelwa izimoto zakhe, ngenxa yokuthi wawungasekho umholo owawusungena uma kuphela inyanga.
Lo mdlali uthe intokazi ahlekasana nayo, umndeni wakhe nabanye abadlali bebhola, yibona abamenze wama isibindi esimeni abebhekene naso.