IZIGI zamaqembu amise kabi iBidvest Wits esicongweni zibukeka ziyithola indawo kumqeqeshi wamaClever Boys, uGavin Hunt, othe angacazelana amaphuzu nePolokwane City wakhwela wadilika kubadlali bakhe okuyinto angajwayele ukuyenza esidlangalaleni.
Ukubanjwa kweWits kushubise umbango wesicoco kwazise usungena kuvuthondaba. I-Orlando Pirates isele ngamaphuzu amathathu kwiWits esidlale imidlalo engu-18 yeligi yaqoqa amaphuzu angu-34. Ngaleso sikhathi iBucs isidlale engu-17 yathatha amaphuzu angu-31.
Akuyona iBucs kuphela ekhathaza uHunt kepha indlela iMamelodi Sundowns ewaqoqa ngayo amaphuzu kule midlalo esele ngayo kufanele imethuse.
Emidlalweni yeligi engu-14, ezikaPitso Mosimane seziphumelele ukuqoqa amaphuzu angu-28. Lokhu kuyenza isale kwiWits ngamaphuzu ayisithupha kodwa isadlale imidlalo engu-14 uma uqhathanisa neyezikaHunt engu-18.
Lo mqeqeshi, onomlando wokudla isicoco seligi iminyaka emithathu ilandelana, ukhombise izimpawu zokunengwa abadlali bakhe bebhekene nePolokwane wahluleka ukuzibamba wabahlambalaza esidlangalaleni. Kwakhala ngakho kakhulu uHunt ukuthi ufike ahlale phansi nabadlali bahlele kodwa uma sekufikwe emdlalweni bazenzele okuthandwa yibona.
“Isiqala ukungikhathaza manje le nto. Kufanele kungijabulise ukuthi silwile saze sathola iphuzu kodwa ngiphoxekile ngendlela abadlali bami engibathembayo abenze ngayo. Kuyangiphoxa ukuthi womathathu amagoli ePolokwane avele kuma-free kick.
“Yithina esinqoba kanjalo hhayi ukuthi kushaywe thina ngezinduku zethu. Siyikhuluma cishe nsuku zonke indaba yama-free kick kodwa nakhu kwenzekile. Kwesinye isikhathi abadlali uyabakhululekela bese bebona ukuthi kuyadlalwa. Akukho mathuba akhiwe yiPolokwane kodwa singenelwe amagoli amathathu. Uyichaza uyithini leyo nto? Kunabadlali okufanele bazinuke amakhwapha ngokwenzekile,” kusho uHunt.
Ngenxa yazo belu izimpawu zokuzwa izigi, uHunt akagcinanga ngokulwa nabadlali bakhe kepha ushiye angalazi nakunondweba obephethe umdlalo emsola ngokwenzelela.
“Ngaphandle kokuthi sizihlulekele ukuvimba ama-free kick ePolokwane kodwa nendlela ebesidlaliswa ngayo angiyithandanga. I-free kick okungene ngayo igoli labo lokuqala bekungafanele ibekwe ngoba akukho muntu odlaliswe kabi. Siphikelwe namagoli amabili kungafanele,” usho kanje.
UHunt ukhala nje kufanele ngoba uyeke ithuba elihle lokuvula igebe esicongweni ngesikhathi iPirates neSundowns besematasa nemidlalo yeCAF Champions League.
Uthembise ukuthi usazoqhubeka nokwethusa abaningi umqeqeshi wePolokwane uJozef Vukusic osephendule leli qembu laba ngelinye lasembangweni wesicoco ekubeni laziwa ngokuthi njalo lihlale ligade izembe.
Komunye umdlalo wePremiership, iSuperSport United inqobe ngo 2-1 kwiBloemfontein Celtic emdlalweni ozokhunjulwa njalo ngenguzunga yeshodi eshaywe uTebogo Mokoena okuyiyona ewinise iSuperSport.
Namuhla iPirates izobhekana neBaroka FC koweligi e-Orlando Stadium, bese kuthi iMamelodi Sundowns itholane neHighlands Park eMakhulong Stadium, ngo-7.30 ebusuku.