USAHLALELE ethembeni ngokuwina isicoco se-Absa Premiership umqeqeshi weBidvest Wits, uGavin Hunt, nakuba iqembu selishibikile esicongweni se-log.
IWits ehlale eqhulwini isikhathi eside seyehlele endaweni yesithathu. Isisele ngamaphuzu amathathu kwi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns ababambene ngawu-44 esicongweni. Ngempelasonto iWits ihlulwe yiPirates ngo 1-0 wegoli okube wumkhonto ogwaze ekhaya kaKeegan Ritchie ngesikhathi esengezwe unompempe. Lokhu kwenzeke cishe bonke abantu sebezitshela ukuthi amaqembu azocazelana ngamaphuzu. UHunt uthe basazoqhubeka nokulwa ngoba imidlalo isekhona.
“Sisele ngamaphuzu ambalwa manje. Kusasele imidlalo eyisihlanu. Kusengenzeka noma yini. Sizobhekana nomdlalo olandelayo. Sidlale kahle, bekufanele siwine. Ibingekho inkinga, ibingekho ingozi. Kade besibamba ngamaphutha ethu. Sidlale kahle kakhulu. Kade sibacindezele kodwa kwesinye isikhathi ibhola lisebenza kanjalo. Kuningi okusengenzeka. Ingcindezi isukile kithina kancane, sizokwazi ukudlala. Amagoli asingenelayo kule midlalo embalwa edlule awaqondakali. Kodwa ngeke ukwazi ukukulawula lokho,”kusho uHunt.
Makhulu amathuba okuthi uHunt akhonjwe indlela kwiWits uma engawinanga lutho kule sizini. Emasontweni adlule kuvele ukuthi abaphathi beWits bafuna uBenni McCarthy oqeqesha iCape Town City. Ngakolunye uhlangothi enkulisa yeWits kukhalwa ngokuthi selokhu kwafika uHunt abadlali abanyuselwa esikimini esikhulu. Nabadlala eqenjini leMultichoice Diski Challenge (MDC) abayitholi indawo eqenjini likaHunt. Kumanje esikimini sikaHunt esiqala imidlalo akekho umdlali osuka enkulisa eholwa nguGlen Salmon.
Nakuba uHunt esenalo ithemba ngokuwina iligi kodwa ukhathazekile ngokuhlulwa amagoli kwabadlali bakhe okuphinde kwagqama behlulwa yiPirates.
“Sithole amathuba amaningi okushaya inethi. Bekufanele sishaye amagoli ambalwa. Sidlale kahle kakhulu, sibafake lapho ebesikade sibafuna khona. Okubalulekile wukushaya amagoli. Besilokhu sizame njalo. Emdlalweni ofana nalona kubalulekile ukuthatha izinqumo ezifanele,”kusho uHunt.
IWits izoqhubeka nomkhankaso wayo wokuqongelela amaphuzu uma isibhekene neChippa United eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi, ngoLwesihlanu ngo-8 ebusuku.