GAVIN HUNT
UPHOXEKE ngendlela athi ayichazeki behlulwa yisicoco umqeqeshi weBidvest Wits, uGavin Hunt ngoba ukholelwa ekutheni ithuba lakhe lokudla isicoco seligi sesihlanu belikhona futhi lilikhulu.

I-Wits iqede isizini isendaweni yesithathu okuchaza ukuthi izoya komela iPremier Soccer League (PSL) kwiCAF Confederation Cup.

Yize ekuvezile ukuthi kuyamjabulisa lokhu uHunt kodwa ubesazohlangana nabaphathi beqembu lapho ezobuza khona ukuthi ikhona yini imali yokuyodlala kweyeCAF.

“Ngijabule ukuthi sibuyela e-Afrika futhi ngikhuthazekile. Kusemqoka nokho ukuthi ngikubalule ukuthi ngisazohlala phansi nabaphathi beqembu okuyibona abazongicacisela ukuthi siyaya yini kule midlalo noma cha. Ngisho ngabe mina ngiyathanda ukuyodlala kodwa okuyikhona okuphethe ukhiye wukuthi ikhona yini imali yokwenza lokhu.”

Lo mqeqeshi uthe le sizini ibingajwayeleki ngoba kusengenza nompetha bashintshe.

“Angazi noma sigcine sikule ndawo esikuyona yini ngoba abantu abazi kuzokwenzekani ngamacala. Singayihalalisela namuhla iSundowns kodwa asazi ezinsukwini ezizayo kuzokwenzekani,” usho kanje.

Mayelana neqembu lakhe uthe baqale kahle kodwa maphakathi nesizini kukhona okubakhinyabezile.

“Siyiqale kahle isizini. Siyihole izigamu ezintathu kwezine manje ukuthi sigcine siphelele endaweni yesithathu ngempela kungishiya ngiphoxekile. Ngiphoxeke kakhulu ngoba siphelela endaweni yesithathu nje kungenxa yethu. Kunemidlalo eminingi esiyidedele sihamba phambili. Uma ngiyibala leyo miphumela besizoqeda endaweni yokuqala ngamaphuzu awu-60. Asisekho-ke nokho isidingo sokukhala. Esingakwenza ukubuya ngesizini ezayo siphinde sizame,” kusho uHunt.

Akanqabile ukuthi kunabadlali abazohamba njengoDarren Keet. Ebuzwa ngalo nozinti ophelelwa yinkontileka ezinsukwini ezimbalwa, uthe akazi lutho ngokuzokwenzeka ngaphandle kokuthi lowo mdlali uzobe engasenayo inkontileka neWits.

“Kusemqoka ukuthi siphinde sizame ukulakha kabusha iqembu. Konke lokho futhi kulele ekutheni sizobheka abadlali bamahhala bodwa noma sizongena ephaketheni. Akulula-ke nokho ukumelana neSundowns nePirates uma usebenza ngabadlali bamahhala. Ngihlalele ethembeni lokuthi kuzothiwa ikhona yokungena emakethe.”