NDUDUZO DLADLA
UKUBHACAZA kukanozinti weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune sekumlahlekisele ngebhande lobukaputeni kuMakhosi. UGavin Hunt opheka leli qembu ukuqinisekisile ukuthi kule sizini leli qembu linokaputeni omusha. USamir Nurkovic, Lebogang Manyama noRamahlwe Mphahlele ngabanye babadlali abebethatha ibhande, ngesikhathi uKhune engadlali.
Kumangazile ukuthi uKhune esebuyile ekulimaleni (emdlalweni abashaywe kuwona AmaZulu FC), angalinikwa ibhande kodwa ligqokwe uMphahlele.
"UKhune akayena ukaputeni wethu kule sizini, ukaputeni wethu uMphahlele," kusho uHunt ephendula ngokushesha izintatheli ngemuva kokuguqa ngo 2-1 beshaywa Usuthu, ngoLwesithathu eFNB Stadium. Zilokhu ziqhubeke njalo nokungamhambeli kahle izinto uKhune njengoba ephinde wenza iphutha elikhulu egolini lesibili laMaZulu elishaywe uLehlohonolo Majoro.
Lo nozinti obeyisithandwa sabalandeli eminyakeni eyishumi yakamuva, uphume eyobamba ibhola kodwa wehluleka, ibhola lawela ezinyaweni zikaMajoro, kwakhala inethi. UHunt utshele izintatheli ukuthi ukhathazeke kakhulu ngesimo sikaKhune njengamanje.
"Ya, akuyona indawo yokuxoxa lezinto lena noma isikhathi kodwa hhayi akukuhle neze (esho isimo sikaKhune). Le nto iyangikhathaza kakhulu manje. Nokho akumele siphonse ithawula kumele sizame ukuyisebenza kodwa ngiyasola mhlawumbe kukhona okungaphezu kwesikwaziyo," kusho uHunt.
Emidlalweni eyisithupha kwiDStv Premiership, uKhune usengenelwe amagoli angu-12. Kusasa iChiefs esihlulwe kathathu kulandelana izodlala neSuperSport United koweligi eFNB Stadium ngo-3 ntambama. Nakuwona lo mdlalo uHunt kumele anqume ukuthi uqhubeka noKhune emapalini noma ubuyisa uDaniel Akpeyi naye onawakhe amaphutha.
Umqeqeshi waMaZulu FC uBenni McCarthy ukujabulele ukubuyisa izinduku kwiChiefs eshaye ezakhe ngo 1-0 ngenyanga edlule.
"Ngijabule kakhulu ngamaphuzu amathathu. Ukuza eGoli ufike udlale neSwallows neChiefs akuyona neze into elula kodwa sikwazile ukuthola amaphuzu amane. Ngifisa ukubabongela abadlali bami ngoba bayazi ukuthi kunzima kangakanani ukuqeqeshwa yimina. Ngifuna umdlali enze into engiyifunayo, naye azihloniphe ngoba impilo yethu lena hhayi ukuthi itoho nje kwaphela. Uma behlulwa yilokho bayazi, ngihleze ngisho ukuthi kumele bayozama kwenye indawo. Nokho benze kahle, sekumele sibuyele ekhaya manje siyojabulela izithelo zethu zokusebenza kanzima," kusho uMcCarthy.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto
Kusasa Ngo-3pm: Kaizer Chiefs v SuperSport United (FNB Stadium).
Ngo-3.30pm: Chippa United v TS Galaxy (Nelson Mandela Bay Stadium).
Ngo-5pm: Baroka v Black Leopards (Peter Mokaba Stadium).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Cape Town City v Swallows (Cape Town Stadium); Tshakhuma FC v Stellenbosch FC (Peter Mokaba Stadium).
Imidlalo yeGladAfrica Championship:
Namuhla Ngo-3.30pm: Cape United v Cape Town All Stars (Parow Park).
Kusasa - Ngo-3.30pm: Steenberg United v Pretoria Callies (Idas Valley); JDR Stars v Royal AM (Giant Stadium); University of Pretoria v Cape Town Spurs (ABSA Tuks Stadium); Sekhukhune United v TS Sporting (Makhulong Stadium).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Free State Stars v Pondo Chiefs (Goble Park); Polokwane City v Jomo Cosmos (Old Peter Mokaba Stadium); Richards Bay v Uthongathi (Richards Bay Sports Stadium