USEBE neMamelodi Sundowns iphakamisa izicoco ezahlukene kusukela efike kuyona ngo-2011 kodwa namanje uHlompho Kekana usenentshisekelo efanayo yokubona iqembu lakhe liphumelela.
NgoMgqibelo iSundowns izovakashela iBaroka FC ePeter Mokaba Stadium, emdlalweni we-quarterfinal yeTelkom Knockout ozoqala ngo-3.30 ntambama.
“Amalungiselelo ahamba kahle. Ngingasho ukuthi sinakho ukuzethemba ngemuva komphumela wethu wangempelasonto eMdantsane. Kusemqoka kithina ukuthi sidlulele kweyandulela owamanqamu. Sifuna ukubalwa nabantu abajabulise abalandeli beqembu ngezicoco,” kusho uKekana.
Lo kaputeni waBafana Ba’Style uthe ufuna kufike usuku lomdlalo sebeyilungisile inkinga yamagoli, umqeqeshi wabo uPitso Mosimane akhale ngayo ngemuva kokuhlula iChippa United ngempelasonto.
ISundowns inqobe lo mdlalo ngo 1-0 wegoli likaGaston Sirino okube yilona kuphela ngemuva kwenqwaba yamathuba.
ISundowns ayikahlulwa kwiligi kule sizini.
“Ukuqhubeka nokubamba umgqigqo wokungehlulwa kuzosisiza nasemiqondweni yethu, sibheke kulo mdlalo. Kuhle ukuthi asingenelwanga igoli. Sekumele sishaye amagoli manje. Ngethemba ukuthi sizowasebenzisa amathuba. Namuhla (izolo) abadlali bethu baphambili basalile baqhubeka nokuzicija kwazise siyawadinga amagoli,” kusho uKekana.
Lo mdlali wasesiswini naye uyaziwa ngokushaya izimbumbulu zamagoli emizameni yakhe yokusiza iqembu liphumelele.
“Kuyafika nje noma ngingakulindele. Nami ngisuke ngizama ukusiza iqembu ekutholeni amagoli ngoba ngiye ngizicije ekukhahleleni. Kumele nami ngikubuyise lokho kuzethemba, ngizame futhi.”
Njengoba bezobe bedlalela ekuhambeni uthe ngeke bayeye iBaroka.
“Kuzoba umdlalo omuhle kubalandeli. Ngiyazi ukuthi yithina esizobe sinengcindezi ngoba kumele sifake iqembu kweyandulela owamanqamu. Ngicabanga ukuthi kuzosisiza ukuthi sisheshe silithole igoli,” kusho uKekana.