KUVELE kuthi akadanse uMduduzi Mdantsane weBaroka FC uma ebuzwa ngokumataniswa neKaizer Chiefs.
Amakhosi kuvela ukuthi afuna ukubuyisa indodana yawo yolahleko uMdantsane kuleli qembu alidlalele emazingeni aphansi eminyakeni edlule.
Izolo leli phephandaba liye eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, lapho iBaroka iziqeqeshela khona njengoba ilungiselela isizini entsha.
Empeleni izolo ibinomdlalo wesihle neReal Kings eyibamba kwiNational First Division (NFD) kule nkundla. Umdlalo uphele ngo 0-0.
Ngemuva komdlalo Isolezwe libe nengxoxo noMdantsane limbuza ngokumataniswa neChiefs.
Uhluleke nawukuzibamba, emoyizela unomphela.
“Ngiyezwa abantu bayakhuluma ngapha nangapha kodwa lokho akukho emqondweni wami njengamanje, futhi angazi noma kuyiqiniso yini noma amanga. Empeleni mina ngisalinde imenenja yami ukuthi ingitshele ukuthi ngempela iyangifuna yini iChiefs noma cha. Mina angikaze ngifonelwe yiChiefs, akukho esakukhulume nami,” usho kanje uMdantsane emoyizela izolo.
Ebuzwa ukuthi uma le mibiko ingaba yiqiniso ngokuthi uyafuneka eNaturena, angayamukela kanjani, uMdantshane uthe: “Lokho kuzophinde kuncike eqenjini lami iBaroka ukuthi lona lithini ngoba ngisalelwe yinkontileka yesizini eyodwa nabo”.
Okucace bha ngoMdantsane wukuthi ibingamethusi eyeChiefs uma umbuka emehlweni, futhi bekungathi iyamkitaza.
“Yebo ngiyidlalelile iChiefs eminyakeni edlule emazingeni aphansi kodwa kube nesikhathi obekumele ngidlule kusona empilweni yami, futhi ngadlula ngempumelelo. Uma kwakudaliwe ukuthi ngiyobuyela kuyona, kusho ukuthi ngiyobuyela. Uma futhi kungenzeki kuyobe akwenzekanga. Into ebalulekile kumina wukuthi ngidlale, ukuthi ngidlala kuphi akubalulekile,” kuqhuba uMdantsane.
Okunye okuvezwe wuMdantsane wukuthi uzokuba ngukaputeni weBaroka kule sizini ezoqala.
“Umqeqeshi ubegcine ethe kuzoba yimina ozohola iqembu, akukho obekusashintshile,” kusho uMdantsane.
Ngesizini edlule uMdantsane ushaye into ecokeme kwiBakgaga Ba Mphahlele eyihola inqoba isicoco seTelkom Knockout (TKO). Uqokwe kubadlali abathathu emklomelweni womdlali ovelele kulo mqhudelwano. Ukhale ngaphansi kuzakwabo * -Elvis Chipezeze ongunozinti weBaroka okhale wemuka nomklomelo womdlali ovelele kwiTKO.
IChiefs izolibangisa eBotswana kusasa lapho izodlala khona neTownship Rollers emdlalweni wobungani. Uma ibuya lapho izokwethula ijezi elisha ezodlala ngalo ngesizini ezoqala, ngoLwesibili eNaturena.
Ngalo lolu suku kulindeleke ukuthi yethule ngokusemthethweni abadlali abasha bese icacisa ukuthi yibaphi banye ezobadedela ngaphambi okuthi kuqale isizini. NgoJulayi 27 izodlala ne- Orlando Pirates emdlalweni weCarling Black Label Cup eFNB Stadium, ngo-3 ntambama.
Izovula imidlalo ye-Absa Premiership ngokubhekena neHighlands Park eMakhulong Stadium ngo-Agasti 4.