USTEVE Komphela kulindeleke ukuthi aqale namhlanje njengomqeqeshi omusha weBloemfontein Celtic. Izindaba zokuqashwa kwakhe ziqinisekiswe usihlalo weqembu uMax Tshabalala.
Efonelwa uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngoba usejimini kodwa yonke imininingwane izokuba kwi-website yeqembu maduze.
UKomphela ubengumqeqeshi weKaizer Chiefs ashiye kuyona kungasekuhle ngemuva kwamasizini amathathu enganqobile neyodwa indebe.
ICeltic ishiywe obengumqeqeshi uJelusic Veselin obeke isizathu semali ngokushiya kwakhe.
UTshabalala uphumele obala ekupheleni kwesizini wathi iqembu ulifaka endalini ngoba sekumgugise iphakethe ukuliphatha. Maphakathi nesizini edlule abadlali beCeltic bake bateleka bekhala ngokungakhokhelwa izimali zabo zokusayina.
Ebuzwa uTshabalala ukuthi zimi kuphi izinhlelo zokudayisa iqembu njengoba sebethole umqeqeshi omusha, uthe usazimisele ngokuphendula indaba kaKomphela kuphela.