UMQEQESHI weSuperSport United, uKaitano Tembo, ukhululwa wukubuya ekulimaleni komgadli wezakhe uBradley Grobler.
UGrobler usebenzile eshaya amagoli amathathu asize i-United yazibekisela indawo kowamanqamu weMTN 8 okwesibili iminyaka ilandelana.
Usebizelwe nakwiBafana Bafana ezobhekana neLibya ngoMgqibelo, ushaye amagoli amabili emlenzeni wokuqala kowandulela owamanqamu bebambana ngo 2-2 neKaizer Chiefs.
Ngempelasonto uphinde waba yiphela endlebeni kwizitobha zeChiefs eqobela igoli elibanqobise ngo 1-0, badlulela phambili.
Uke wahlala izinyanga engabonakalali ngenxa yokulimala idolo.
“UBradley ungunombolo 9 wokuqina. Besimkhumbule ngesikhathi engekho. Uyakwazi ukubamba ibhola, uyangena ezikhaleni futhi uyakwazi ukuqedela amabhola. Uma ekhona enkundleni kuyasiza futhi uma esewumqemane kahle uzoba muhle kakhulu,” kusho uTembo.
Kungokokuqala ukuthi uTembo angene kowomanqamu engumqeqeshi ngokugcwele eqenjini. Unikezwe lesi sikhundla ngokusemthethweni ekuqaleni kwesizini ngemuva kweminyaka eyiphini labaqeqeshi abehlukene kwi-United.
“Kungaba yinto enhle (ukuwina isicoco) kodwa le nto ayikho mayelana nami. Okumqoka wukusebenzisana ngokubambasana kwethu siyiqembu. Yilokhu okuzosenza siphumelele,” kusho uTembo.
Uthe ukungena kwabo kowamanqamu akubalulekile ukudlula ukwenza kahle kwiligi.
Amatsatsantsa a Potori asethola ithuba lokuvikela isicoco nje, angene sekuvalwe amehlo kulo mqhudelwano.
Avunwe yisinqumo sikamahluleli weSafa, uWilliam Mokhari, owagixabeze ngamaphuzu ngemuva kokulahla ngecala i-Ajax Cape Town ngokudlalisa uTendai Ndoro bebhekene nezikaTembo koweligi ngesizini edlule. Amaphuzu agudluze AmaZulu FC kwiTop 8, kwangena leli qembu lasePitoli.
“Sifuna ukufaka umbango kwiligi. Kumele sakhe imiqondo yabadlali bazitshele ukuthi bangakwenza lokho. Kumele siqhubeke nokuzithoba njengoba sesingene kowamanqamu. Kuzomele sibhekane nomdlalo ngamunye kwiligi ngoba lokhu okwenzeke ngesizini edlule kusithusile.”
Leli qembu eselike lanqoba iligi kathathu like lazithola livika izembe ngasekupheleni kwesizini kodwa lagcina ngokuphunyuka sekuxoshwe nobengumqeqeshi * -Eric Tinkler. Uma sekubuywa ekhefini leFifa, iSuperSport izodlala ne-Orlando Pirates ekuhambeni ngoSepthemba 15. Isahlulwe kanye kwiligi, yanqoba imidlalo emithathu.