ULIZO Gqoboka, isiqethevu se-propo yeBulls, sibazi kahle ubunzima obuhambisana nokuzingabaza nengcindezi.
Le nsizwa yaseMount Frere, e-Eastern Cape ihambe indlela ehlukile embhoxweni kunabanye omkhaya bayo. UGqoboka uqale ukudlala umbhoxo eseqede no-matric. Empeleni ubeseshiyile nase-Eastern Cape esefudukele eThekwini lapho abeqhuba khona izifundo zakhe.
Ngesikhathi iningi, cishe bonke, bewuqala ezikoleni umbhoxo, uGqoboka uqale ngokudlala kuma-club kwayima ebuyela e-Eastern Cape eseyojoyina iSouthern Kings.
Ubekhona kwiKings ngesikhathi kuqonga izinkinga zemali nokuholele ekutheni kuphele izinyanga engaholi. Uphoqeleke ukwenza isinqumo esimqoka sokushiya ukunethezeka kokudlla ngasekhaya abhekise amabombo ePitoli ayohlwaya kwiBulls.
Ngemuva kwakho konke ubunzima ulitholile ithuba elikhulu kwiBulls nokumvulele amathuba okudlala kwiVodacom Super Rugby kanjalo nakuSpringbok A.
NakumaBhokobhoko amakhulu useke wabizwa izikhawu ezimbalwa yize esalinde umdlalo wakhe wokuqala nokungafana nephupho kwazise angabanga ijezi neqhawe lakhe, uTendai “Beast” Mtawarira.
Nokho kungenzeka uGqoboka nezakhe babhekane nenselelo ehlukile kwiChiefs abazothathana nayo namuhla.
UGqoboka obelimele uzwane okumhlalise ngaphandle izinyanga eziyisishiyagalombili, kulezi nsuku udlalisa okwendoda enamadlingozi. “Sihlangene kahle kule sizini. Uma kuziwa ekunikaneni ibhola, wonke umuntu usegiyeni. Sifisa ukuqhubeka nalokho," kusho uGqobhoza.
Uthe mkhulu umsebenzi abawenza ukulungiselela ama-scrum ngoba balindele indluzula kuze kuyophela iSuper Rugby.
“Wonke umdlali waphambili ohlangana naye kwiSuper Rugby useqophelweni ngakho siqikelela ukugxilea kokwethu esikwenza kwiBulls. UDaan ngumqeqeshi oseqophelweni lomhlaba. Kumnandi kakhulu ukusebenza naye. Unamava futhi usebenze naphesheya. Ngicabanga ukuthi simzelini okuyiwo.”
IChiefs ababhekana nayo iqale isizini yayo ngebatha, yehlulwa imidlalo emine kwemihlanu okubalwa kuyo ukungcwathswa yiBrumbies, Crusdaers neSunwolves ngaphambi kokubambana neHurricanes ngo 23-23 ngempelasonto edlule.
UGqoboka kodwa uthi naphezu, akumele iChiefs ithathwe kancane kwazise ngesizini edlule ifinyelele kuma-quarterfinal.
“Abaqondakali futhi ngicabanga ukuthi badlala kahle wukuthi nje bebesenebhajana begeja amaphasi nalokhuya,” kusho uGqoboka ezakhe namuhla ezidlala neChiefs eLoftusVersfeld Stadium.
Imidlalo namuhla: Vodacom Bulls v Chiefs, 2.55pm, SS1/M-Net; Cell C Sharks v Rebels, 5.05pm.