AKAKHETHILE ukuthi yiliphi iqembu azogijima kulo ngesizini ezayo inqobo nje uma kuzoba yiqembu laKwaZulu-Natal u-Ayanda Gcaba ochithwe i-Orlando Pirates.
UGcaba uphumele obala okokuqala wathi usefuna ukugijimela iqembu laseKZN elikwi-Absa Premiership ngesizini ezoqala ka-2018/19.
Uthe imibiko ethi engase esayine kuMaZulu FC ngeke aphawule ngayo.
UGcaba, odabuka ePort Shepstone, uzophelelwa yinkontileka nePirates ekupheleni kwenyanga. IPirates isishilo ukuthi ngeke isamdinga ngesizini ezayo. Okunye okuvele kwacacisa bha ukuthi eziMnyama zakha kabusha, wukusayina abadlali abayisishiyagalolunye okubalwa kubona uBrilliant Khuzwayo, Vincent Pule, Ben Motshwari, Meshack Maphangule, Asavela Mbekile, Linda Mntambo, Abel Mabaso, Paseka Mako noKudakwashe Mahachi.
UGcaba, ofike kwiPirates ngo-2012, uthe nakuba kuzwela ukuthi useyashiya kwiBucs kodwa angakujabulela ukuthi agijime emaqenjini aseKZN.
“Eqinisweni mina ngingadlala noma kukuphi inqobo nje uma kuyiqembu laseKZN. Anginankinga neMaritzburg United, AmaZulu FC noma iLamontville Golden Arrows. Ngibona sekuyisikhathi sokuba ngizodlala ekhaya,” kusho uGcaba oke wagijima kwiFree State Stars.
Uthe iPirates iyohlale isenhleziyweni yakhe ngoba imkhulisile kunobhutshuzwayo. Ufike kowamanqamu kabili neBucs emiqhudelwaneni yeCaf iChampions League ngesikhathi becijwa nguRoger De Sa ngo-2013 nakwiCaf Confederations Cup bwcijwa ngu-Eric Tinkler
ngo-2015.
“Sisebenze kahle kakhulu no-de Sa kanye noTinkler. Engikuthanda kakhulu ngabo wukuthi bebekholelwa kithina njengabadlali nobekusifaka umfutho wokuba sizibongele kubona ngokushaya into ecokeme. Ngiye kwiPirates ngingakaze ngiphumele ngaphandle kwaseNingizimu Afrika ngakho lokho ngeke ngikukhohlwe,” kusho uGcaba.
Uqhube wathi akananxa nomqeqeshi wePirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, nephini lakhe, uRhulani Mokwena, nakuba ekhuhle ibhentshi ngaphansi kwabo nokuholele ekutheni agcine ebolekisiwe kwiPlatinum Stars.
“Anginanxa nabo nakancane. Ukuhlala ebhentshini ngamahlala khona uma ungumdlali ayikho into entsha kulokho. Kuphela nje okungisalele ukuba ngikhombise ukuthi ngingumdlali osezingeni eliphezulu eqenjini engizodlala kulona,” kusho uGcaba othe imenenja yakhe, uMike Makaab wePro Sport International, imatasa imzamela iqembu elisha azogijima kulo.