UBONA kuseva ukuthi usengathembisa izulu nomhlaba umgadli weSuperSport United, uThamsanqa “Gandaganda” Gabuza, ophenduke iqhawe ngesikhathi ezakhe zikhipha iBidvest Wits kwiMTN 8 ngempelasonto.
Amatsatsantsa a Pitori adlulele kowandulela owamanqamu ngo 3-0 wamagoli amabili kaGabuza elinye obekuyiphenathi nelikaBradley Grobler. Azobhekana beMamelodi Sundowns ngempelasonto yokuphela kuka-Agasti.
UGabuza uhlukane ne-Orlando Pirates ngenyanga edlule enuka iqaqa kubalandeli bayo. Nokho kwiSuperSport ubukeka ekhululekile futhi ekujabulela ukubuyela enkundleni ngoba ijezi ubekade eselizwa ngendaba kweZimnyama.
“Ngijabule ngokushaya amagoli. Ngebhadi angisazi ukuthi ngangigcine nini ukushaya igoli. Ngijabule ukuba kwiSuperSport. Idlala ibhola elihambisana nami nalapho engimandla khona. Ibhola layo lingenza ngihlale ngisebhokisini.
“Njengomgadli kufanele uhlale usebhokisini ukuze uqedele. Indlela okudlalwa ngayo lapha yenza ngishaye amagoli njengoba kwenzekile. Kodwa kuseva ukuthi ngingakhuluma ngesibalo samagoli okwamanje,” kusho uGabuza.
“Kukhona uGrobler ushaya amagoli. Nami Kumele ngizibonakalise. Kodwa kuseyimidlalo nje emibili engiyidlalile. Owokuqala ngiwuqalile, owesibili ngibe sebhentshini, owesithathu ngiwuqalile ngathola amagoli. Bekufanele ngisebenze kanzima ukuthola ijezi. Okungangijabulisa kule sizini wukushaya amagoli noma amangaki.”
Emasontweni edlule, umqeqeshi weSuperSport, uKaitano Tembo, uthe uzobulala inqwaba yamaqembu ngoGabuza. Iningi kade limhleka usulu.
“Ngiyazi ukuthi uGabuza uyageja, ujwayele ukushweba inqwaba yamathuba. Kodwa bekuthi njalo uma sidlala nePirates ubengikhathaza ngendlela azikhandla ngayo. Usebenza kanzima. Akesabi ukungena ezikhaleni.
“Ngisho eshweba kodwa uyaqhubeka nokuzama, alwe. Uma ngibheka emuva ngikhumbula uGabuza owayekwiGolden Arrows owashaya amagoli abalelwa ku-10. Lowo Gabuza wayezama futhi yilowo ebenginaye emqondweni ngesikhathi siqoka ukumsayinisa. Igoli alishayile namuhla liyafana nalishaye sibhekene neMbombela sizicijela ukuqala kwesizini.”
Emdlalweni olandelayo iSuperSport izobhekana neKaizer Chiefs kowe-Absa Premiership eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.