NGEKE alenze iphutha lokuzibamba esikhundleni sokujabula uma eshaya igoli umgadli omusha weSuperSport United, uThamsanqa Gabuza, ozobe ebhekene neqembu lakhe elidala i-Orlando Pirates kwi-Absa Premiership kusasa ngo-7.30 ebusuku eMbombela Stadium, eMbombela.
UGabuza, ohlale iminyaka eyisithupha kwiPirates, usayine kwiSuperSport ngenyanga edlule. Manje sekufanele acoboshise iqembu lakhe elidala elibunjwe ngenqwaba yabangani abathathisa okwabafowabo.
Yize kunalokhu kuxhumana phakathi kukaGabuza nabadlali bePirates, okobudlelwano abenabo nabalandeli bekuhluke kakhulu kusukela ngo-Ephreli nyakenye. I-Pirates yayibhekene nePolokwane City koweligi ePeter Mokaba Stadium. Ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala uGabuza wathi ugoba ibhola lashaya kumdlali wePolokwane langena phakathi.
Ngesikhathi abalandeli bePirates bejabulela igoli, uGabuza okwase kufana nesiko ukuthi uyahhewulwa uma egeja amagoli, ukhombise izimpawu zokuduba umdlalo ngoba ecasulwa wukuthi abalandeli ababemthuka ngezinhlamba sekuyibona manje abajabulayo. Uphume esekhuzwa wakhumula ijezi walijikijela kubalandeli.
UGabuza wabuye wehlela ngezansi wabuya enkundleni kodwa wanikwa ikhadi elibomvu. Ngenxa yalokhu abakaze bamxolele abalandeli bePirates.
Ebuzwa ukuthi uzozibamba yini angajabuli uma eshaya igoli uma sebebhekene nePirates, uthe akananxa neqembu futhi ukwiSuperSport ngoba ekhululwe ngusihlalo, u-Irvin Khoza, kodwa ngeke azibambe uma eshaya igoli.
“Uma ngithola ithuba lokudlala ngizokwenza lokhu engifakelwe khona enkundleni. Uma ngiphumelela ukushaya igoli noma amagoli ngeke ngizibambe kepha ngizojabula ngendlela engihlale ngijabula ngayo uma ngishaya igoli. Sibhekene neqembu elinzima ngakho ngeke singajabuli uma sithola umphumela omuhle. Sidlala nelinye lamaqembu athathwa njengamakhulu,” kusho uGabuza.
Ucacisile nangokubizwa kwakhe wuKhoza ezombuza ukuthi angaba nenkinga yini uma engayiswa kwiSuperSport. Uthe ukwenaba kancane ngenkulumo yakhe noKhoza kodwa okucacile kuyona wukuthi uhambe kukuhle kwiBucs.