AKAYIZWA eyokuxoshwa komqeqeshi uStuart Baxter umdlali wasesiswini weBafana Bafana uDean Furman obona isabambe ngakho eqenjini.
Isizwe sihlukene phakathi ngekusasa likaBaxter emuva kokuthi iqembu lidlale ngendlela engagculisi, lagcina liphume kuma-quarterfinal we-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Egypt. IBafana iwine imidlalo emibili kweyisihlanu eyidlalile,yashaya amagoli amathathu. Abanye abaliboni ikusasa kusahola uBaxter kanti abanye babona kufanele anikwe ithuba aqedele umsebenzi awuqalile ngoba usenenkontileka.
UFurman, omunye wabadlali abahlale bekhona esikwatini sikaBaxter kule minyaka emibili engumqeqeshi weqembu lesizwe, ukholwa wukuthi akufanele axoshwe.
“Sengisebenze naye isikhathi eside futhi ngiyazi ukuthi ucophelela kanjani uma ehlela. Akanconywa ngokwanele ngendlela esidlale ngayo sibhekene ne-Egypt ngoba akuwona wonke umuntu owaziyo ukuthi usihlele wasicija kanjani ngebesizokwenza uma siphethe ibhola noma singaliphethe. Sesibe naye iminyaka emibili. Yebo siphoxekile ngokungayi kwiNdebe yoMhlaba kodwa sishaye iNigeria sisahlungela i-Afcon esigcine singenile kuyo. Sihlule iLibya kwanconywa kakhulu abadlali kodwa yindlela umqeqeshi abesihlele ngayo. Manje sibalwa namaqembu ayisishiyagalombili ezwenikazi. Bekumnandi ukusebenza naye futhi ngifisa aqhubeke nokuhola iqembu. Uma ezwenikazi ibikade ingaziwa iBafana Bafana, isiyaziwa, ikakhulukazi emuva kokwehlula i-Egypt, “kusho uFurman.
Ezinyangeni ezizayo iBafana izoqala amalungiselelo e-Afcon ka-2021 naweNdebe yoMhlaba ka-2022 ezoba seQatar.
UBaxter ukubeke obala ukuthi akancengile ngesikhathi ebuzwa ukuthi uzibona ekhona uma sekwenziwa la malungiselelo.
“Ngidinga ukuhamba ngiyocabanga ukuthi ngiwuyena yini umuntu ofanelwe yilo msebenzi. Nokuthi ngicabanga ukuthi iqembu ngingaliyisa yini phambili bese ngikhuluma nomqashi wami, sibone ukuthi sibheka kuphi. Uma ngibona ukuthi angiyena umuntu olungele lo msebenzi ngizoyeka.
“Nginqabe imisebenzi eSaudi Arabia, kwamanye amazwe ase-Afrika nakwamanye amaqembu lapha eMzansi. Angiyena umuntu olambele umsebenzi, ngihlezi kuleli qembu ngoba ngiyafuna futhi ngiyakholelwa kulokhu esizama ukukwenza,” kusho UBaxter.