UKHAMA Billiat ogijima kwiKaizer Chiefs okuvela ukuthi kukhona amaqembu abuza ngaye
UMDLALI weKaizer Chiefs, uKhama Billiat osekuvele ukuthi kukhona amaqembu amfunayo akazimisele ngokushiya leli qembu laseNaturena.

Ngokusho kwemenenja kaBilliat, uMike Ngobeni we-M-Sport-Management lo mdlali usedonse iso lamaqembu asenhla ne-Afrika.

Ngokusho kwakhe iRaja Casablanca yaseMorocco neZamalek yase-Egypt yibona asebeveze ukuthi bangathanda ukumsayina lo mdlali.

UBilliat usanda kubuya e-Egypt lapho ebemele izwe lakhe iZimbabwe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon). Yize iZimbabwe iphume emaqoqweni futhi ingawinanga nomdlalo owodwa kodwa uBilliat ubengomunye wabadlali abagqamile kwiWarriors.

“Yebo iRaja Casablanca ingithintile kodwa uKhama usengumdlali weChiefs. Kumele bathinte iChief uma bezimisele ngokumsayinisa. Yiwona amaqembu okumele avumelane,” kusho uNgobeni izolo.

UBilliat ufike kwiChiefs ekuqaleni kwesizini edlule esuka kwiMamelodi Sundowns. Ubengumdlali obhekiwe ukubuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena kodwa bagcina bengawinanga lutho. Ube nemidlalo ewu-26, washaya amagoli ayisithupha wakha amahlanu.

“Ujabule khona (kwiChiefs). Wenze kahle kwisizini yakhe yokuqala. Ayikho ingcindezi yokuthi uKhama ahambe. Bayamthanda kwiChiefs, abaphathi, abalandeli nozakwabo. Yimuphi umehluko ongabakhona uma eshiya? IChiefs inkulu kuneCasablanca,” kusho uNgobeni.

Kwi-Afcon uBilliat ushaye igoli elilodwa. Ubedlala khona bebuya kwiCosafa Cup neqembu lakhe. Kwisizini ezoqala kuzobhekwa ukuthi azame ukuwathwala Amakhosi ukuze aqede ishobolo lamasizini amane engawini lutho.

“Ujabule kwiChiefs ufuna ukuwina nayo. Ngeke ngifake ingcindezi kwiChiefs ngibuze ngabamfunayo. Engikwaziyo wukuthi akekho osafake isicelo kodwa bebengithinta bebuza ngaye. I-Al-Ahly neZamalek ngamanye amaqembu angithintile,” kusho uNgobeni.