UNEZINHLELO zokuhlohla abadlali bakhe ukuthi baye emdlalweni we-Absa Premiership naMaZulu ngeSonto ngo-3 ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngenhloso yokukhipha isibhongo umqeqeshi wePolokwane City, uJozef Vukusic.
Lo mqeqeshi ukholelwa ekutheni iqembu lakhe libe nebhadi laphaphama ilanga selishonile kodwa ujabule kakhulu ngokuthi ngeke alinde isikhathi eside ukuthola iqembu azokhiphela kulona isibhongo njengoba ezovakashela Usuthu.
Kusukela eqalile ukusebenza kwiRise and Shine, uVukusic usephendule leli qembu elinye layinkinga kwiPremiership kwazise lishaywa yiPirates ngoLwesibili nje bese lidlale eyeligi eyisikhombisa lingayazi induku.
“Sibe nebhadi kulo mdlalo. Amathuba esiwakhile bekumele okungenani kungene amabili awo. Kumqoka nokho ukubalula ukuthi uma uyeka amathuba afana nalawa ayekwe yithina ubhekene neqembu elifana nePirates ekugcineni kuba nokukhala nokugedla kwamazinyo. Angikhali kakhulu nokho ngoba sinethuba lokubhodlela kuMaZulu.
“Yithuba lethu leli lokukhombisa ukuthi lokhu esikwenza masonto wonke akuwona umlilo wamaphepha. Yebo kuzoba nzima ngoba sisekuhambeni kodwa uma sizodlala ngale ndlela bese sisheshe sicacisa ukuthi sifuna ukwenzani, ngeke siwele kulesi sikhinsi esiwele kusona namuhla,” kusho uVukusic ngoLwesibili.
IPolokwane iwuqale kahle umdlalo kodwa ngokuyeka kwayo amathuba yaqala yavuka iPirates yashaya amagoli ngoMarcelo da Silva noJustine Shonga. Uzamile * -Ayanda Nkili ngegoli lokulinganisa kodwa kwasho ukuthi isikhathi sesidliwe yinja.
“Indlela esiqede ngayo kwiPirates iyona kanye okumele siqale ngayo eThekwini. Kungijabulise kwaze kwangikitaza ukuthi lokhu esizifundisa khona ngamakhona kuyasebenza. Kunamathuba amabili amahle obekumele angene. Ukungangeni kwawo kungicacisele ukuthi inhlanhla ayikho ngakithi kulo mdlalo. Ngijabule kakhulu ngendlela abadlali bami abaqhubeke ngayo bazama yize bese kucacile ukuthi amaphuzu ayahamba. Uma sizokwenza kanje emdlalweni ozayo nakanjani esizobhekana naye sizokhiphela kuyena isibhongo,” kusonga uVukusic.