AKENEME umqeqeshi waMaZulu FC, uCavin Johnson, ngokudedela amaphuzu amathathu bedlala neMamelodi Sundowns eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngempelasonto.
Umdlalo we-Absa Premiership obushubile uphele ngo 3-3. Amagoli AmaZulu ashaywe uButholezwe Ncube, Jabulani Ncobeni noBongi Ntuli. Awezivakashi avalelwe phakathi nguPhakamani Mahlambi, Tony Silva noSibusiso Vilakazi elingene sekusele amanenjana kuphele umdlalo.
UJohson uthe ufuna ukubona abadlali bakhe benza kangcono ukuvikela amaphuzu abo emidlalweni elandelayo.
“Ngicabanga ukuthi abadlali bami bazinikele ngakho konke enkundleni. Senze kahle kakhulu uma kubhekwa ukuthi besidlala nompetha base-Afrika nompetha bangesizini edlule beligi. Kodwa angijabule ngokuthi sihambe phambili kabili emdlalweni, saphinde sadedela amagoli amabili alula. Nokho okunye okungijabulisayo wukuthi asikahlulwa eKing Zwelithini,” kusho uJohnson.
AmaZulu asenqobe imidlalo emibili, adlala nalona ngokulingana enkundleni uJohnson akade esho ukuthi ufuna kungabi khona iqembu eliphuma lingenamyocu kuyo. Emidlalweni emihlanu, aseqoqe amaphuzu ayisikhombisa.
“Ngokubona kwami besingawunqoba umdlalo. Ngabe sinamphuzu amathathu esikhundleni kwelilodwa. Yithina ebesililawula kangcono ibhola, yingakho ekugcineni (iSundowns) babe sebefaka abagadli abathathu okuyiyona indlela yokuvimba iqembu elikuhlaselayo ngokuthi nawe ulithelekele. Kodwa konke lokho sekudlulile kumele siyolungisa amaphutha ethu. Elinye lawo wukungukungenwa yitwetwe kube kuyithina esihamba phambili. Kumele sikushintshe lokho emidlalweni elandelayo. Kusemqoka ukuvimba kangcono emuva, siqine. Wonke umuntu enkundleni uneqhaza lakhe. Abagadli kufanele bashaye amagoli. Izitobha kufanele zivale emuva kanjalo nabadlali basesiswini umsebenzi wabo ukuxhumana nabaphambili nalabo abadlala emuva,” kusho uJohnson.
Emdlalweni olandelayo ngoMgqibelo AmaZulu azovakashela iKaizer Chiefs eFNB Stadium ngo-6 ntambama.
IChiefs namuhla izothuthana neFree State Stars eGoble Park ngo-7.30 ebusuku.