UTHABO Nodada weCape Town City uzimisele ngokushaya into ecokeme kwiBafana Bafana njengoba izodlala imidlalo yokuhlungela i-Afcon
UKUNQOBA imidlalo emqoka kweBafana Bafana, kungasiza ekulekeleleni ekufezeni amaphupho omdlali weCape Town City, uThabo Nodada, ofisa ukuthi iqembu lesizwe kube yisango elizomfaka emaqenjini aphesheya.

Kuzokhumbuleka ukuthi indlela kaPercy Tau ebheke kwiPremier League e-England, engenye yamakhulu emhlabeni, igcine idlula eBelgium ngenxa yokukleliswa okuphansi kweBafana ohlwini lomhlaba lweFifa.

E-England kudingeka iqembu oqhamuka kulona libalwe nawu-50 aphezulu emhlabeni ngaphambi kokubheka eminye imibandela ukuze udlale khona.

Ukuze iBafana ikhuphuke endaweni ka-73 ekleliswe kuyona kufanele inqobe imidlalo enjengalo ezowudlala ngoMgqibelo neSeychelles eFNB Stadium ngo-3 ntambama.

Lapha la mazwe azobe elwela ukungena kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eseCameroon ngonyaka ozayo.

Azophinde ahlangane emlenzeni wasekuhambeni ngoLwesibili oluzayo.

UNodada (23) obizwe okokuqala eqenjini lesizwe uthe ufisa ukuthi libe isitebhisi esibheke emadlelweni aluhlaza.

Ukubizwa kwakhe eqenjini lesizwe kwenzeke ngesikhathi esajabulela ukunqoba isicoco seMTN 8 neqembu lakhe.

“Ukuze uye phesheya ukuba nemidlalo yeqembu lesizwe kubalulekile. Ukuba kwami kwiBafana njengomdlali osemncane kuzonginikeza isipiliyoni sokudlala imidlalo ezingeni lomhlaba okuzongikhulisa kwenyuse nezinga lami. Ngakho yithuba elikhulu kimina, ngethemba ukuthi ngizoqhubeka nokuhlala (kwiBafana) ukuze uma selifika ithuba lokuyodlala phesheya ngikwazi ukusebenzisa amava esengiwatholile,” kusho uNodada.

Uthe yize ezimisele ngokufunda kubadlali azobafica njengoDean Furman, Kamohelo Mokotjo asebenesikhathi beyibambile, uzimisele ngokulisebenzisa ithuba uma elithola.

“Ngethemba ukudlala (kwiCAF Confederation Cup) kuzongisiza. Ngaphezu kwalokho ukuzimisela kwami nentshisekelo enginayo kuzongisiza. Angifuni ukuzibukela phansi. Uma ngilithola ithuba okwami wukuthi ngilwe ngenze umsebenzi.”

Ngokwakhe iSeychelles yiqembu abangakwazi ukulehlula.

IBafana iza kulo mdlalo izinhliziyo zabalandeli zisahluthukile ngemuva kokubanjelwa ekhaya iLibya emdlalweni odlule wokuhlunga. Lokhu kuyishiye endaweni yesibili eqoqweni ngamaphuzu amane.

“Kulolu lwazi oluncane enginalo ngeSeychelles ngicabanga ukuthi singayehlula futhi ngikholwa ukuthi wonke umdlali uzimisele ngokuthi sinqobe,” kusho uNodada.

Lo mdlali kwiBafana usejoyinwe ukaputeni weCirty, uThami Mkhize obizele ukuzovala indawo kaThapelo Morena weMamelodi Sundowns olimele.

Omunye umdlali osekwiBafana, uThembinkosi Lorch we-Orlando Pirates yena ozothatha indawo kaVincent Pule naye weBucs olimele.