UMQEQESHI weMaritzburg United, u-Eric Tinkler, ufanise iMamelodi Sundowns neJuventus yase-Italy ezakhe zishaywa ngo 2-1 Abafana Ba Style emdlalweni we-Absa Premiership ngoLwesibili.
AmaBrazilians avule igebe lamaphuzu amathathu esicongweni se-log, ekhombisa amava okudlala nengcindezi, ngamagoli ka-Emiliano “Nkathazo” Tade noLebohang Maboe.
Igoli lokubika leTeam Of Choice livalelwe phakathi wuFortune Makaringe. Ngokusho kukaTinkler, odonsa kanzima nezakhe emsileni we-Absa Premeirship, akufanele ngabe iSundowns ibanga isicoco namanye amaqembu kwiPremiership.
UTinkler uthe amaBrazilians kufanele ngabe asinqoba isicoco seligi kusasele inqwaba yemidlalo ngenxa yabadlali abasezingeni eliphezulu enabo.
“ISundowns inabadlali abasezingeni eliphezulu kakhulu, lokho akungatshazwa. Kucace bha lokho ngamagoli abawashaye bebhekene nathi. Ngokwami kufanele ngabe iSundowns ayisibangi namuntu isicoco. Kufanele ngabe isinqoba kusasele inqwaba yemidlalo njengoba kwenza iJuventus yase-Italy. Lokho ngikusho ngoba uma ubuka abadlali abasenkundleni, ebabophele ebhentshini nalabo abasuke bebukela umdlalo nezihlwele, uyabona ukuthi impela kuhanjiwe, abadlali abaseqophelweni eliphuzulu,” kusho uTinkler ngemuva komdlalo.
UTinkler uthe uyazwelana nabadlali bakhe kakhulu ngokushaywa amaBrazilians ngoba bayazinikela kodwa kwala yona inhlanhla.
“Ngokwejwayelekile abalandeli bayaye bazwele nxa sehluliwe nabasebenzi beqembu bayakhathazeka. Kodwa ngokwami abantu abazwela kakhulu ngabadlali ngoba yibona abadlalayo. Ngiyabazwela kakhulu abadlali bami ngoba bazinikelile kwala yona inhlanhla. Akukho abangakwenzanga futhi akekho noyedwa engingamgxeka. Bekufanele kube khona esikutholayo emdlalweni wethu neKaizer Chiefs nakuwo oweSundowns kodwa dololo. Okubuhlungu kakhulu wukuthi ibhola lethu lihle kodwa alisiniki imiphumela esiyidingayo. Kumanje sisemsileni kwi-log, yilokho okubalulekile okufanele sikulungise,” kusho uTinkler.
Nakuba imidlalo iya ngokuya incipha njengoba sekusele eyisithupha, uTinkler akalilahlile ithemba ngokusinda ezembeni kwezakhe.
“Ngiwuhlobo lomqeqeshi ongalilahli ithemba. Ngiyakholelwa ukuthi singasinda ezembeni. Uma abadlali besaqhubeka nokunginikela engikudingayo, ngisenethemba elikhulu,” kusho uTinkler.
Khonamanjalo, iLamontville Golden Arrows ishaye iBaroka FC ngo 1-0 emdlalweni we-Absa Premiership obuseNew Peter Mokaba Stadium, izolo ebusuku. Igoli le-Arrows lishaywe uWayde Jooste ngomzuzu wokugcina.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Kusasa: SuperSport United v Kaizer Chiefs (Mbombela Stadium, 8pm); Bloemfontein Celtic v Bidvest Wits (Dr Molemela Stadium, 8pm); Cape Town City FC v Polokwane City (Cape Town Stadium, 8pm)
NgoMgqibelo: Free State Stars v AmaZulu FC (Goble Park, 3.30pm)
NgeSonto: Chippa United v Highlands Park (Nelson Mandela Bay Stadium, 3.30pm)