UQOPHE umlando umqeqeshi wesifazane osemncane, uSimphiwe Dludlu, efaka iqembu lesizwe lamantombazane kwiNdebe yoMhlaba ezoba se-Uruguay ngoNovemba 13-kuDisemba 1.
Amantombazane kaDludlu (30) wase-Alexandra, aBantwana, angene kulo mqhudelwano ngemuva kokuthela phansi iMorocco ngo 6-1 uma sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze emibili yomzuliswano wokugcina wokuhlunga.
Ngempelasonto aBantwana bashayele ekhaya iMorocco ngo 1-0 wegoli likaSibulele Holweni alifake esiwombeni sesibili emdlalweni obuseStade Boubker Ammar.
Elakuleli belize emdlalweni lihamba phambili ngo 5-1.
UDludlu ungumqeqeshi wokuqala wesifazane ukufaka elesizwe kwiNdebe yoMhlaba. Ulandele ezinyathelweni zikaSolly Luvhengo owafaka okokuqala iqembu lika-Under 17 kulo mqhudelwano owawuseTrinidad & Tobago ngo-2010.
Lokhu kusho ukuthi kungokwesibili emlandweni ukuthi iqembu labesifazane liye kwiNdebe yoMhlaba ngemuva kokuhluleka kweBanyana Banyana neqembu lika-Under 20 phambilini. NeBafana Bafana ihluleke yancama ukuya kwiNdebe yoMhlaba eRussia ngoJuni.
Ephawula kwiSafa.net ngemuva komdlalo uDludlu uthe akukholakali abakuzuzile kodwa konke kwenzeke ngenxa yokuzimisela kwabadlali bakhe.
“Kukhulu esikuzuzile njengeqembu, abadlali, ithimba lonke labaqeqeshi nenhlangano esiphethe. Sijabule kakhulu ngokukhula kwebhola labesifazane. Lokhu kumele kugqugquzele intombazane encane, yazi ukuthi amaphupho ayafezeka,” kusho uDludlu oneziqu zeSport Science azithola e-University of Pretoria.
Ngemuva kokuqeda izifundo zakhe uqeqeshe iqembu labesifazane eNyuvesi wase efundela nezicucu zokuqeqesha njengoba ngo-2013 wagcina ethole i-Uefa B licence.
“Esikuzuzile lapha kusho lukhulu kubaqeqeshi emazingeni aphansi. Muhle umsebenzi wenu eniwenzayo. Abazali nabo abangapheli amandla ngokweseka amantombazane abo afisa ukudlala ibhola. Kusho ukuthi njengezwe sinethuba lokwenza okukhulu kunobhutshuzwayo. Siyazi ukuthi mkhulu umsebenzi osihlalele futhi siyilungele inselelo,” kusho uDludlu.
Iqembu litheleke izolo ntambama e-OR Tambo International, eGoli, lapho umengameli wenhlangano eyengamele ibhola, iSafa, uDanny Jordaan, wayethembise ukuthi bazobamukela khona njengamaqhawe.
Ngemuva komphumela waseMorocco, uJordaan uthumele umyalezo.
“Ngiyaziqhenya kakhulu ngenikuzuzile. Ukuya kwiNdebe yoMhlaba yinto enkulu engazuzwa umdlali webhola. Njengoba nganginithembisile, ukuya eSpain njengengxenye yamalungiselelo, lokho kuzokwenzeka. Ngenye indlela esizonibonga ngayo ngokwenza kahle,” kusho uJordaan.