UKABELO Dlamini weBloemfontein Cletic egadulisana noXola Mlambo we-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiership ezakhe ezaphumelelo ukuthola wonke amaphuzu Isithombe: BACKPAGEPIX
UZIMISELE ngokuhamba ezinyathelweni zozakwabo abakhiqizwe yiStars of Africa Academy, uKabelo Dlamini (22) obukeka enekusasa eliqhakazile kwiBloemfontein Celtic esazihola phambili kwi-Absa Premiership.

Lo mdlali owazalelwa eDaveyton ufike kuPhunya Sele Sele ngo-Agasti nyakenye ephuma kuStars of Africa ephethwe uFarouk Khan.

Ngaphansi kukaVeselin Jelusic obeqeqesha iSiwelele udlale imidlalo engu-15 kuhlanganisa nemithathu yeNedbank Cup. Uthe efika ngakho kodwa washayela iqembu lakhe igoli ngesikhathi bedlala neBaroka FC. Nakule sizini kubukeka izinto zimhambela kahle njengoba kubukeka engelinye lamasosha athenjwe eSteve “Mphathi” Komphela ongumqeqeshi omusha weCeltic.

Yomibili imidlalo yeligi esidlalwe iqembu lakhe uyiqalile. Kowesibili abebedlala kuwo neLamontville Golden Arrows ushaye ingcwenga yegoli eyenze ezakhe zadlula ngamagoli amabili eqandeni.

UDlamini utshele leli phephandaba ukuthi isifiso sakhe esikhulu ukuhamba ezinyathelweni zozakwabo abakhiqizwe yiStars of Africa. Aphume nabo iqhubu ngumdlali omusha weCape Town City, uTokelo Rantie ogcine ukudlala kwiGenclerbirligi yaseTurkey nakwiBafana Bafana.

UTefu Mashamaite obegijima kwiSuperSport United noke wadlala kuBK Hacken yaseSweden nakwiBafana Bafana, uLuther Singh odlala kwiS.C Braga yasePortugal noSibusiso Khumalo oke wayibamba kwiMamelodi Sundowns nakuMarirzburg United.

“Kangizimisele nakancane ukuphoxa, ngifuna nami kuhloniswa njengalaba badlali. Nokho kangifuni ukuzifakela ingcindezi engenasidingo. Ukufeza leli phupho ngizokwenza ngakho konke enginakho ukusiza iBloemfontein Celtic. Nami kuyisifiso sami ukuyodlala phesheya kwezilwandle,” kubeka uDlamini ezakhe eseziwakhiphe inkani amaqembu aseSoweto okuyiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

Lo mdlalo uveze ukuthi kulo nyaka izimisele ngokusiza iqembu lakhe ekunqobeni inkomishi nokwenza kahle emidlalweni yeligi elingakadliwa kuyo selokhu kuqale isizini yePremiership.

“ Engikubheke kakhulu kulokhu wukubizelwa emaqenjini esizwe nokusiza iqembu ukuthi linqobe izinkomishi. Ngendla izinto ezihamba ngayo ngibona lokhu kuzokwenzeka. Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngiyaqhubeka nokulwela ijezi,” kuchaza uDlamini ophethwe uJazzman Mahlakgane.

Lo mdlali ubonga uKomphela ngokuhlale ebanika amazwi abakhuthazayo. Uveze ukuthi ukuqeqeshwa uKomphela kufana nesibusiso kuye.

Ngesizini eyedlule uDlamini uke waba sematheni ngesikhathi uKhan esola iCeltic ngokumsayinisa ngendlela engekho emthethweni. Waze wafaka icela kuSouth African Football Association (SAFA) efuna ukukhokhelwa izindleko zokukhulisa lo mdlali.

Imi kanje imidlalo elandelayo ye-Absa Premiership yango-Agasti 15:

Chippa United vBaroka FC ( Sisa Dukashe Stadium); Cape Town City FC

v Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium); Maritzburg United v Bidvest Wits ( Harry Gwala Stadium) Polokwane City v Free State Stars (Old Peter Mokaba Stadium); Orlando Pirates v SuperSport United ( Orlando Stadium);

Black Leopardsv Bloemfontein Celtic (Thohoyandou Stadium).