INDUMALO ibibhalwe ebusweni kumqeqeshi weReal Kings, uSimo Dladla, ngemuva kokuthi belahle amaphuzu amabili bebambana ngo 0-0 neJomo Cosmos emdlalweni weNational First Division (NFD) eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ntambama.
UDladla ubephoxeke kufanele ngenxa yamathuba ayekwe ngabadlali bakhe, nokugcine kubuyisele emuva umsebenzi wabo wokusuka endaweni yezembe kwi-log. Okushovele iKings endaweni eyingozi kunombolo-15 wukuwina kwezimbangi zayo Ubuntu Cape Town obubhaxabule iRichards Bay ngo 5-0 kowazo umdlalo.
Lo mphumela wenze iqembu laseKapa lagudluza iKings endaweni ka-14 lahlala khona ngamaphuzu awu-28. IKings yehlele endaweni yesibili ukusuka emsileni ngamaphuzu awu-27.
“Ngiphoxekile ngokudlala ngokulingana neCosmos sikade siyihlula ngomdlalo. Ngokwendawo esikuyona asizange sikukhombise ukulwa ekutheni sithathe amaphuzu. Nokho ngijabule ngokuthi lona wumdlalo wethu wesine singangenelwa yigoli. Inkinga nje wukuthi siqhubekile isifo sethu sokuhlulwa ngamathuba yingakho ngiphoxekile,” kusho uDladla.
Emidlalweni esele iKings izobhekana neMbombela United ngeSonto ekuhambeni, ibuye izodlala noBuntu ekhaya ngo-Ephreli 28 bese ivala isizini neTS Sporting ekuhambeni.
Kule midlalo uDladla ubona bedinga okungenani amaphuzu ayisikhombisa ukuthi bagcine indawo yabo kwiNFD.
“Ukuwina koBuntu kusicendizile kodwa into engcono ngabo wukuthi basazoza la kithina. Ngithemba ukuthi sizozenzela umsebenzi kubona. Sinomdlalo onzima neMbombela kodwa okungikhuthazayo wukuthi sishaye amagoli amabili emdlalweni wethu odlule wasekuhambeni. Inkinga yethu isizini yonke sidlala kahle kodwa sihluleke wukushaya amagoli njengaleli eseliyekile phambi kukalayini. Uze uzibuze ukuthi uma sihlulwa amathuba anjena yiliphi esizolithola. Le nto iyangikhathaza, ingenza ngingakwazi nokulala ebusuku. Kodwa akukho esingakwenza ngaphandle kokubuyela emuva siyolungisa amaphutha.”
Imiphumela yeNFD yangempelasonto:
Ubuntu Cape Town 5-0 Richards Bay; Witbank Spurs 0-1 Mbombela United; TS Sporting 1-2 Pretoria University; Real Kings 0-0 Jomo Cosmos; Stellenbosch 1-2 Uthungathi FC; Ajax Cape Town 1-0 Cape Umoya; Maccabi 0-3 Tshakhuma; TS Galaxy 0-1 Royal Eagles.