UMGADLI weBafana Bafana, uDino Ndlovu, uphoxeke ngosuku lokugcina lwesizini sekucaca ukuthi bazodinga enye isizini ukuze bakhushulelwe esigabeni esikhulu. UNdlovu, weZhejiang Greentown, eChina, egcine ilale isithathu kwi-log uqede isizini enamagoli eligi awu-19 emidlalweni ewu-24.
Nalapho lo mgadli ubizelwe kwiBafana ezodudulana neNigeria eFNB Stadium emasontweni amabili ezayo kweyokuhlungela i-Afcon ezoba seCameroon ngonyaka ozayo. Ukhale ngaphansi esicathulweni segolide kwazise sigoduke noMary John waseCameroon yena oshaye amagoli awu-24.
Umthetho umile eChina ukuthi amaqembu amabili aqede ephezulu akhushulelwa esigabeni esikhulu. Emasontweni ayisikhombisa adlule ezikaDino bezihleli endaweni yesibili. Lokhu kusho ukuthi bezidinga ukugwema ukuhlulwa kuphela ngosuku lokugcina ukuze zingene lapho kunoju khona. Ngebhadi lalo mgadli weBafana, iqembu lakhe lishaywe ngo 2-1 yiMeizhou Hakka esendaweni yesishiyagalolunye.
Kwenzeka konke lokhu ngosuku lokugcina nje, iShenzhen (ebisendaweni yesithathu) inqobe ngo 5-0 kwiZhejiang Yitego okubenze beqa iGreenton egcine iphelele endaweni yesithathu.
Zimbi lezi zindaba kuDino kodwa uzakwabo kwiBafana, uLebohang Mothiba, uphinde wakwenza lokho elibeka enethini ngesikhathi iStrasbourg ibambana ngo 1-1 neToulouse. Kuyona le ligi enabadlali abaningi beBafana kodwa abanye abalimele, uLebohang Phiri akazange asetshenziswe kwiGuingamp enenebulwe yiNantes ngo 5-0.
Ubedlala uThulani Serero kwiVitesse ekhale ngaphansi ngo 1-0 kwiPSV. Lo mdlalo iVitesse iwudlale cishe wonke ingaphelele ngenxa yekhadi elibomvu. EBelgium, uPercy Tau uqale umdlalo wakhe wesishiyagalolunye weligi kwi-Union Saint Gilloise, edinge ukuthi ize ilinganise ngomzuzu ka-92 ibambana ngo 1-1 neLommel.
USiphiwe Tshabalala ufakwe sekusele imizuzu ewu-17 ukuthi umdlalo uphele phakathi kwezakhe i-Erzurumspor ne-Akhisarspor. Namanje ezikaTshabalala yizona ezisabambe ibhuleki kwi-log yaseTurkey.