UMDLALI weKaizer Chiefs u-Andriamirado Andrianarimanana obonakale eNaturena izolo Isithombe: BACKPAGEPIX
UVUMBUKE ejimini yeKaizer Chiefs umdlali wasesiswini, Andriamirado “Dax” Andrianarimanana waseMadagascar, obekuvele ukuthi ubolekiswe kwiBlack Leopards ngenxa yesibalo sabadlali bangaphandle eNaturena.

Emabhukwini eChiefs abanye abadlali bangaphandle unozinti uDaniel Akpeyi, Samir Nurkovic, Leonardo Castro, James Kotei noLazarous Kambole.

IChiefs kufanele ihlukane noyedwa umdlali kwazise umthetho wePremier Soccer League uvumela ukuthi iqembu libhalise abadlali abayisihlanu kuphela abangaphandle.

ILeopards imemezele ukuthi isiboleke uDax kwiChiefs kuze kuphele isizini ka-2019/2020. Nokho uDax ubonakele izolo eNaturena ngesikhathi iChiefs iziqeqesha.

Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, uthe uDax ungumdlali waMakhosi.

“Njengoba nimbona ekhona ejimini kusho ukuthi ungumdlali weChiefs. Ngeke ngikhulume ngokwenziwe yiBlack Leopards. Bezikhona izingxoxo mayelana nokubolekana umdlali kodwa kugcine kungavunyelwananga. Nathi simangele ukumbona bemethula njengomdlali abambolekile,” kusho uMaphosa.

ILeopards, evule kabi isizini ihlulwa yiPolokwane City, iqinise iqembu layo ngabadlali abangomakadebona okukhona kubana uThuso Phala, Thabo Matlaba, Mokgakolodi Ngele noCuthbert Malajila.

Isikhulu seLeopards, uChief Thidilela, sithe abazi ubani omemezele ukuthi uDax usengumdlali wabo.

“Sizokwenza uphenyo ngaphakathi eqenjini ukuze sithole ukuthi kwenzekeni. Asikazi ukuthi ubani oyikhiphele ngaphandle le ndaba. Besixoxa neChiefs mayelana nokuthi isiboleke umdlali kodwa besingakafiki esizumelwaneni. Baningi abanye abadlali esixoxa namaqembu abo mayelana nokuthi basijoyine,” kusho uThidiela.

IChiefs izobhekena neLeopards emdlalweni we-Absa Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku. Amakhosi avule ngewini ehlula iHighlands Park ngempelasonto edlule.

Umqeqeshi u-Ernst Middendorp uzwakale egcwele ukuzethemba futhi ekulungele ukubhekana nakho konke okuzophonswa yiLeopards kubona.

Imidlalo ye-Absa Premiership:

Kusasa: Maritzburg United v Highlands Park (Harry Gwala Stadium, 8pm)

NgoMgqibelo: Polokwane City v AmaZulu FC (Old Peter Mokaba Stadium, 3pm); Cape Town City FC v Stellenbosch (Cape Town Stadium, 6pm); Kaizer Chiefs v Black Leopards (Moses Mabhida Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Bloemfontein Celtic v Lamontville Lamontville Golden Arrows (Dr Molemela Stadium, 3pm)