UMQEQESHI weMaritzburg United, uFadlu Davids, uyakujabulela ukuyodlala phambi kwabakhaya bakhe eKapa kodwa uthe okuzomgeza inhliziyo kakhulu wukuphakamisa indebe yeNedbank.
UDavids nomfowabo oyiphini lakhe kwi-United uMahier, umhlaziyi wama-video uPaul Lamb nokaputeni uBevan Fransman, bonke inkaba yabo iseKapa.
Kusasa bazolindela ukuthi abathandi bebhola bakuleli dolobha baphume ngobuningi ukuzobuka umdlalo wabo wamanqamu abazowugijima neFree State Stars. Umdlalo uzoqala ngo-7 ebusuku eCape Town Stadium.
“Kuyinto enhle nekhethekile ukuyodlala ngakini futhi ube nethuba lokuzuza okuthile kwazise okumqoka kithina wukuphakamisa indebe. Lokho kuzoba yikhona okuzokwenza yonke into ibe ngeyekhethelo,” kusho uDavids.
Lo mqeqeshi ugcizelele elokuthi yena neqembu lakhe baya emdlalweni bengesilona iqembu elibhekiwe. Uzeseke ngokuthi iStars yona seyike yayiphakamisa indebe.
“Abadlali bami ngibatshelile ukuthi lo mdlalo kuzomele bawuthathe njengayo yonke esesike sayidlala. Yize kunjalo iStars kuzomele siyiqaphele. Sidlalile nabo lapha eHarry Gwala basehlula. Bayiqembu elihlelekile uma lihlasela ngokuzumisa. Okusho ukuthi nathi kuzomele siqaphele ngendlela esihlela ngayo. Kodwa okusemqoka wukuthi abadlali kumele bawuthakasele umdlalo. Ngibatshelile ukuthi kumele bazi ukuthi lona akusiwona umdlalo wokugcina wamanqamu abazowudlala ndawonye,” kusho uDavids.
Ukuqinisekisa ukuthi abathandi beTeam of Choice abebewa bevuka neqembu isizini yonke bayawubuka bukhoma owamanqamu, abaphathi bahlele amabhasi azobahambisa eKapa lodumo.
Angu-12 amabhasi akhishiwe kanti ngoLwesibili ngokusho kwemenenja, uQuinton Jettoo, angu-11 abesegcwele.
Abalandeli bazosuka namuhla ekuseni belibhekise eKapa.
UDavids ukugcizelele ukuthi akayi ndawo njengoba bekunemibiko yokuthi kukhona abamfunayo.
Uthe yize isizini yabo ithathwa ngebe yinhle kodwa usemkhulu umsebenzi obahlalele. IStars yanqoba iCoca-Cola Cup ngo-1994. IStars yahlulwa iMamelodi Sundowns kowamanqamu weeRothmans Cup ngo-1999.
“Ngesikhathi ngithatha lapha ngasho ukuthi eminyakeni emithathu ngifuna iqembu liqede kwiTop 8. Sesikwenzile lokho, okusho ukuthi kwamabili ezayo kumele silwele ukuyigcina le ndawo. Angifuni ukuthi sibe nesizini eyodwa enhle bese ngelandelayo sibe nembi. Abanye bangabona ukuqeda endaweni yesine njengempumelelo kodwa impumelelo yangempela isho ukuqeda uphethe okuthile esandleni,” kusho uDavids.