UMQEQESHI weMaritzburg United uFadlu Davids uchitha imibiko ethi umdlali weMamelodi Sundowns uYannick Zakri usesayinile neTeam of Choice.
Ngokwemibiko ekhishwe amaziko ezindaba ehlukene, abadlali ababili beSundowns uKeletso Makgalwa noYannick Zakri basayine inkontileka yonyaka yokubolekiswa kwiMaritzburg.
Kuthiwa lobu budlelwano buhambisana nokudayiswa kukaLebohang Maboe osegijimela Abafana Ba Style.
UDavids usho lokhu izolo ekhuluma nezintatheli eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ngesikhathi ezakhe zimatasa zilungiselela umdlalo ezizoshukana kuwo neCape Town City kuma-quarter final eMTN 8 kusasa ngo 3 ntambama.
Lo mqeqeshi uyivumile ekaMakgalwa ukuthi usegijimela ezakhe kwazise ubonakele ngoLwesithathu ngesikhathi eshaya igoli iTeam Of Choice ithelwa othulini iFree State Stars ngo 2-1 kowe-Absa Premiership obuseGoble Park. UDavids uyichithile eyokuthi uZakri usesayinile nezakhe, nathe kumphatha kabi ukuthi kusatshalaliswe imibiko ekubeni kungekho osekushiwo yiqembu lakhe kwi-website noma ezinkundleni zokuxhumana njengokwejwayelekile.
“UZakri akayena umdlali weMaritzburg United. Akukho akusayine nathi. Ukube kukhona ngabe sikuvezele izwe kwi-website yethu noma ekhasini lika-twitter njengoba sihleze senza, ngakho akayena umdlali wethu qha,” usho kanje izolo
Isolezwe ngoMgqibelo lihoshe ngomthombo walo osondele kakhulu noZakri ukuthi izingxoxo ziyaqhubeka neSundowns ngokuthi lo mgadli wase-Ivory Coast agcine esayinile kwiTeam of Choice. Ngokusho kwalo mthombo, umqeqeshi wamaBrazilians uPitso “Jingles” Mosimane uyena ofike wona yonke into.
“UZakri ubebanjwe i-visa ekhaya kubo e-Ivory Coast. Ufike kuleli ngoMsombuluko emini. Okumnenge kakhulu ukuthi umqeqeshi weSundowns uPitso, bese kungathi uyamxosha uma ekhuluma nezintatheli ethi umfisela inhlanhla kwiMaritzburg ekubeni bengakakhulumi naye. Manje into asevele wayenza uZakri ukuthi udaza inkani uthi yena wayengazele ukuzodlalela iMaritzburg, kodwa wayeze ukuzodlalela iSundowns. Utshele iSundowns emehlweni ukuthi uma ingasamfuni ayimnike i-clearance yakhe aphume kuyona,” kusho lo mthombo oveze ukuthi izingxoxo ziyaqhubeka phakathi kweMaritzburg neSundowns ngoZakri.
IMaritzburg izodlala neCape Town City kusasa, eHarry Gwala Stadium ngo-3 ntambama.