UDADEWABO ka-Arthur Bartman ongasekho, uPrudence McKenzie, uthi akaqondi ukuthi kungani umfowabo ezongcwatshelwa e-East London, ekubeni bonke abakwabo befihlwe eRichmond. Le ntokazi ibikhuluma kanjena enkonzweni yesikhumbuzo kamfowabo ngoLwesine.
UBartman udlule emhlabeni ngeledlule, ngemuva kokuxinwa yikhanda. Ngokwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, uBartman ngeke angcwatshelwe eMgungundlovu lapho ekhulele khona, noma eRichmond lapho kufihlwa khona abakubo kodwa uzongcwatshelwa e-East London lapho khona enomuzi nonkosikazi wakhe.
"Bengilokhu ngithi kubantu ngiyaphila, kodwa cha angiphilile neze. Angiyizwa indaba yokuthi umfowethu uzongcatshwa le kude e-East London ekubeni bonke abantu bakithi befihlwe eRichmond. Kungani ngampela ayiswe kude kanjena? Hhayi kulungile konke sikubeka kuMdali," usho kanje udadewabo uPrudence.
Abadlali baMaZulu FC, Maritzburg United neRoyal Eagles bebehambele le nkonzo yesikhumbuzo.
Ezinye izihambeli bekungunozinti weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune no-Eric Mathoho. Ubekhona noSandile "AK47" Ndlovu odume kwiMoroka Swlallows nakwiMamelodi Sundowns eminyakenj edlule.
Usihlalo weChiefs uKaizer Motaung naye udlulise amazwi endunduzo emndenini wakwaBartman. Uthumele isitatimende esifundwe inhloko yezokuxhumana kwiChiefs, uVina Maphosa.
"Ngikhumbula ngesizini ka2009/2010, uBartman esinqobela isicoco seTelkom Knockout sishaya I-Ajax Cape Town ngo 2-1. Wagcina enqobe umklomelo womdlali ovelele kuloyo mqhudelwano. Ubeyinsizwa engenawo amazwi amaningi, futhi ewuthandayo umsebenzi wakhe. Ngifisa ukubonga kakhulu umndeni wakhe ngokusiboleka yena. Ulale ngokuthula qhawe laseMgungundlovu," usho kanje uMotaung esitatimendeni.