ALIKAPHELI ithemba lokudlalela iKaizer Chiefs kumdlali weBaroka, uTalent Chiwapiwa, okugcine kuphelele emoyeni ukufunwa kwakhe yileli qembu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2018/2019.
UChiwapiwa waseZimbabwe uyisethenjwa eqenjini lomqeqeshi uWendson Nyirenda. Ngaphambi kokuqala kwesizini kusabalale ukuthi ufuneka eNaturena kodwa kwagcina kungenzekanga. Usihlalo weBaroka, uKhurishi Mphahlele usanda kuphumela obala ngokuthi iChiefs ayikaze imthinte mayelana noChiwapiwa phezu kokuba ekade etshele izwe lonke ukuthi akazimisele ngokudayisa abadlali bakhe.
UChiwapiwa utshele leli phephandaba ukuthi kusale kancane asayine kwiChiefs kwazise ibikade isikhulumile naye nemenenja yakhe. Ubekade ephuma ukuyodlalela iqembu lesizwe laseZimbabwe elibambane ngo 1-1 neDemocratic Republic of Congo emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations ezoba seCameroon ngonyaka ozayo. UChiwapiwa uqokwe njengomdlali ovelele ngesikhathi iChiefs ibambana ngo 1-1 neBaroka emdalweni we-Absa Premiership ezinyangeni ezedlule.
“Bekuyiqiniso ukuthi iChiefs iyangifuna. Imenenja ikhulumile nabantu beChiefs kodwa angazi ukuthi kwenzekeni. Ngicishe ngasayina kwiChiefs. Njengomdlali uhlala ufisa ukuthatha elinye igxathu, namuhla noma ngomuso. Kodwa ukufunwa yiChiefs akuzange kungiphazamise ngoba njengomdlali uma uvumela lezo zinto zikungene ekhanda ngeke ukwazi ukwenza umsebenzi olindeleke kuwena, uzokwehla. Ngisenalo ithemba lokuya kwiChiefs,”kusho uChiwapiwa
IChiefs kumanje ishaya ngabadlali baseZimbabwe abathathu, uWillard Katsande, Khama Billiat noTeenage Hadebe abayibamba eqenjini lesizwe lakhona. UKatsande ube nesandla ekutheni uBilliat ajoyine iChiefs, elaxaza iMamelodi Sundowns ebikade imncenga ukuthi avuselele inkontileka nayo.
“Singabadlali baseZimbabwe siyakhuluma kodwa ngeeke ngikudalule ukuthi sikhuluma ngani. Kodwa siyakhuluma. Siyazwana. Kuhle ukusebenza nomuntu wasezweni lakho. Sikhule ndawonye sinoKhama, ngakho kulula. Ngiso naseqenjini lesizwe siyakhuthazana. Kwenza izinto zibe lula,”kusho uChiwapiwa.
Amathemba eBaroka azophinde ahlale kuChiwapiwa uma iBaroka isigadulisana neLamontville Golden Arrows kwiTelkom Knockout ePeter Mokaba Stadium namuhla ngo 3.30 ntambama.
“Njengeqembu sibheke ukwenza kahle ukuze sidlulele emzuliswaneni olandelayo. Ngeke kube lula ukubhekana ne-Arrows. Bayiqembu elishaya ngabadlali abasebancane njengathi, banomdlandla njengathi. Kuzohlaselwana,” kusho uChiwapiwa.