UCHITHA imibiko emibi athi ingcolisa igama lakhe uThami Ngubane oke wacija i-African Warriors, Thanda Royal Zulu neRoyal Eagles kwiNational First Division (NFD) eminyakeni edlule.
UNgubane, ojika nelanga ekhaya, uthe imibiko esabalele yokuthi ugwazisa abadlali ukuze bezothola isikimu yitulo labathile abazama ukumcekela phansi, nabahubhuza amanga futhi abanomona ngasekuzuzile ebholeni.
Engxoxweni ekhethekile abe nayo neSolezwe izolo ekhaya lakhe eMandeni, uNgubane uyichithile le mibiko esimenze wanuka njengeqaqa kubaphathi bamaqembu nathe sekumdalele isigcwagcwa njengoba engasaqasheki.
Ngokusho kukaNgubane, ngesikhathi esacija iThanda kwakunebhuku elalihlala kuyena lapho abadlali babefaka khona imali, ngenxa yokuthi efika ngesizini yakhe yokuqala eqenjini ngo-2013/2014 iqembu lalibhekene nezingqinamba.
“Inhloso yaleli bhuku kwakungukuthi abadlali nxa sebehamba sebeya emakhaya, bakwazi ukubuya bangakhali ngokuthi abanamali yokubuya. Kwi-log sasisemsileni sinamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni ewu-14. Ngangingafuni umdlali ozothi akakwazi ukubuya ngoba nakhu enenkinga yemali. Ngaleyo ndlela saqala ibhuku lapho kwakufakwa khona imali nemininingwane yomdlali.
“Lokhu kwasisiza kakhulu njengoba bonke abadlali babuya ngoJanawuwari waleyo sizini bengakhali ngalutho futhi bejabule. Kwagcina ngokuthi ngishiye kwiThanda ngijoyine iRoyal Eagles, ngababuyisela futhi bonke abadlali imali,” kusho uNgubane.
Unxenxe intatheli ukuba ithinte * -Innocent Maela we-Orlando Pirates, Siyabonga Mbatha ovimbela AmaZulu ukuba baqinisekise lokhu abekulandisa Isolezwe.
Uthe usola ukuthi kunezitha anazo ebholeni, ezimbophela amanqina enyathi ngenhloso yokuthi kulambe izingane zakhe.
“Ngisola umona nokungicekela phansi. Uma kukhona umdlali othi ngake ngamgwazisa ngiyacela aphumele obala. Nongathi nje ngake ngacela * -R5 we-airtime akaphumele obala. Mina ngiyazifunela abadlali angixoxi nezimenenja kodwa kuba yiqembu elixoxa nazo. Manje ngingakwenza kanjani ukuthi ngigwazise abafana abatakulwe yimina bengaziwa, engazi usizi lwabo lwasemakhaya lapho bephuma khona?,” kubuza uNgubane.
Njengoba sekuyophela unyaka wesibili uNgubane ehleli ekhaya, uthe sekuyezwela impela. Uthe udaba lokuthi uyagwazisa uqale ukuluzwa ngemenenja yakhe, ebesimtholele iqembu elisha kwiNFD.
“Sixoxisane neqembu saqeda. Isikhulu saleli qembu (alishilo), sibe sesingazisa ukuthi siya ebhange siyongifakela imali, yokuba ngifake uphethroli wokuza kusona siqedele izingxoxo zethu. Kuze kube yimanje, ngisalindile. Uma ngithi ngiyasifonela lesi sikhulu, asisalubambi ucingo lwami. Imenenja yami ibe isihosha ukuthi cha, lesi sikhulu sihlehliswe ukuthi kuthiwa ngigwazisa abadlali. Kunzima kakhulu ngoba ngiyasukelwa angiyazi leyo nto,” kusho uNgubane owayeyiphoyisa eminyakeni edlule.