ISHAYA phansi ngonyawo imenenja kaBuhle Mkhwanazi, uPaul Mitchell weSiyavuma Sports Agency, ithi lo mdlali akayi kwi-Orlando Pirates.
Amahlebezi akhomba uMkhwanazi kweZimnyama awapheli. Imenenja yakhe itshele leli phephandaba ukuthi ayikho indaba yePirates noMkhwanazi.
“UMkhwanazi uyahlala kwiBidvest Wits. Empeleni iqembu lihlela ukumnika inkontileka entsha. Indaba yePirates yinzwabethi, angiyazi ukuthi iqhamuka kuphi ngoba ayikaze ixhumane nami noma neWits. UMkhwanazi useneme kwiWits futhi usazoqhubeka nokudlala khona,” kusho uMitchell.
UMkhwanazi uke walimala okuphoqe ukuthi angayiqali isizini. Njengamanje useluleme futhi udlala njalo. Ngesizini edlule usize iWits yakhala yemuka nesicoco se-Absa Premiership neseNedbank Cup.
Kule sizini iWits idonsa kanzima futhi ukungayiqali kwakhe isizini benoThulani Hlatshwayo, naye oke wahlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala, kube nomthelela ekutheni iqembu lidedele amagoli emuva.
IWits isanda kuqinisa iqembu layo ngo-Edwin Gyimah oyibamba phakathi nenkundla emuva noma enkabeni yenkundla. I-Pirates emataniswa noMkhwanazi kubhekwe ukuthi ihlukane no-Ayanda Gcaba osefake isicelo sokushiya eqenjini njengoba engalitholi ijezi.
Phakathi nenkundla emuva iPirates ibophele uJustice Chabalala, Abbubaker Mobara noGladwin Shitolo ababuye badlale enkabeni yenkundla, Ntsikelelo Nyauza, obuye ayibamba ngakwesokudla emuva, noHappy Jele naye oshikisha ibhentshi.
Sisekuzo ezithinta iwindi lokuhwebelana ngabadlali uMitchell uveze ukuthi uKeagan Dolly uyahlala kwiMontpellier yaseFrance.
“UKeagan uyahlala kwiMontpellier. Udlalile ngempelasonto emdlalweni womkhumulajezi. Ushaye nephenathi. Useyaqala manje ubuyela esikimini. Udinga ukubekezela nje, akayi ndawo,” kusho uMitchell.