UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane ucela ukunikwa ithuba lokwakha iqembu kabusha
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ukuthatha njengesifundo ukuphuma kulandelana kweqembu lakhe emiqhudelwaneni emibili.

Unxuse abalandeli bangangxami kodwa bakhumbule ukuthi iqembu lihlale lizimisele ngokubajabulisa. NgokukaMosimane, lesi yisikhathi sokuthi alivuselele kabusha iqembu asenqobe nalo izicoco eziyisikhombisa selokhu afika ngo-2012.

ISundowns isinqobe izicoco ezintathu zeligi noMosimane - eseNedbank Cup, iTelkom Knockout, iCAF Champions League neSuper Cup.

Kulokhu uphinde waphunyukwa yisicoco seMTN 8 bewasha ijezi kowandulela owamanqamu. Umphumela ubulandela omunye ongemuhle behluleka wukungena kuma-quarterfinal eChampions League.

“Uma uhlulwa kukhona izinto ozifundayo ngeqembu. KwiChampions League sisafana nezingane. Akukuhle ukuthi siphumile kwiMTN 8 kodwa-ke iqembu kumele lidlale ukuze lifunde futhi likhule,” kusho uMosimane.

Lapha ubesho ngesinqumo sakhe sokubophela abadlali abasha eqenjini * -Ali Meza, Tony Silva, Lebo Moboe noMosa Lebusa.

“Ngibonile ukuthi inhlanganisela ka(Sbusiso) Vilakazi no(Jeremy) Brockie ayisebenzi (abadlale kwiChampions League bangalithola igoli). Ngiyajabula ukuthi ngilwenzile ushintsho ngokudlalisa * -Ali Meza noTony Silva futhi salithola negoli. Lokho kudinga isibindi. Kumele sibe neqiniso silinikeze isikhathi iqembu ngoba lisha. Isikhathi-ke awusithengi kodwa kumele ubafake enkundleni abadlali ukuze ubone ukuthi bayakwazi yini ukukusebenzela nabo bathole amava,” kusho uMosimane.

ISundowns ihlulwe yiCape Town City kumaphenathi kwiMTN 8 ngemuva kokunqoba umlenze wesibili ngo 1-0. Igoli lishaywe uTony Silva.

“Ngiyazi ukuthi abalandeli banakho ukukhathazeka kodwa ngiyacabanga ukuthi bazojabula ezinyangeni ezimbili ezizayo uma sibuya sibajabulisa ngendebe. Ngiyazi futhi yithina esabajwayeza ngokuthi sihlezi sinqoba izicoco.”

Uthe okumele kuqondwe wukuthi uma eqeqesha akenzeli umdlalo owodwa asuke eya kuwona.

“Ngiqeqeshela ingomuso. Kumele ngiphinde ngibenze laba badlali bahlangane. Sineqoqo elihle labadlali kodwa nakhona akusho ukuthi ngeke uphoxeke njengoba kwenzekile. Kodwa kumele uqhubeke nabo. Lapha sakhela iminyaka emithathu kuya kwemine ezayo,” kusho uMosimane.

Ngesikhathi uMosimane esahlanganisa iqembu lakhe angaqala ajabulise abalandeli bakhe ngokuthola amaphuzu agcwele emdlalweni olandelayo weligi.

ISundowns, engompetha beligi, izovakashela AmaZulu FC eKing Zwelithini Stadium ngeSonto. AmaBrazilians asanqobe kanye emidlalweni emithathu yeligi okuwabeka endaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu amahlanu.

Khonanjamalo uRicardo Nascimento weSundowns uvuselele inkontileka yakhe ngeminyaka emithathu, kwathi uSiphelele Mkhulisi wasayina eyeminyaka emihlanu.

Imidlalo ye-Absa Premiership:

NgoMgqibelo: Chippa United v Baroka FC (Sisa Dukashe Stadium, 3pm); Cape Town City v Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium, 3pm); Mariztburg United v Bidvest Wits (Harry Gwala Stadium, 6pm); Polokwane City v Free State Stars (New Peter Mokaba Stadium, 8.15pm); Orlando Pirates v SuperSport United (Orlando Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Black Leopards v Bloemefontein Celtic (New Peter Mokaba Stadium, 3pm); Highlands Park v Lamontville Golden Arrows, 3pm)