UCASTER Semenya uyisonge ngegiya eliphezulu isizini yakhe enqoba umjaho wakhe ka-29 kulandelana kwi-800m ngesikhathi emele i-Afrika kwi-IAAF Continental Cup e-Ostrava, eCzech Republic, esongwe ngeSonto.
Njengokujwayelekile, uSemenya uzihole phambili umjaho uqala waze wayokweqa umugqa ngo-1.54.77 okungezinye zezikhathi ezisheshayo esezike zashaywa kuleli banga.
Okwenze ukunqoba kukaSemenya kwaphinde kwakhombisa ubungqwele bakhe wukuthi ubegijima ngemuva kokwephula irekhodi lakuleli kwi-400m ngesikhathi ephuma endaweni yesibili ngoMgqibelo ntambama.
Ungene ngemuva kukaSalwa Eid Naser we-Asia Pacific ngo-49.62.
Lesi yisikhathi esihle uma kubhekwa ukuthi leli akulona ibanga agxile kulona uSemenya.
Lo mgijimi nguyena ophethe amarekhodi akuleli kwi-400, 800m, 1000m nakwi-1500m.
Khonamanjalo, omunye umdlali wakuleli oyimele kahle i-Afrika nguRuswahl Samaai.
Lo mdlali we-long jump uqinisekisile ukuthi iNingizimu Afrika iyaqhubeka nokukhonya kulo mdlalo ngesikhathi ethatha indawo yokuqala. Uhlule umpetha wase-Europe uMilitiadis Tentoglou waseGreece noJeff Henderson wase-USA. Ugxume ibanga eliwu-8.16m. Nguyena kuphela obenomgqigqo omuhle ekugxumeni ngaphezulu kwamamitha ayisishiyagalombili amahlandla amane.
USamaai unqobe isicoco sase-Afrika ngenyanga edlule okube yithikithi lokuthi amele i-Afrika kwiContinental Cup. Lokhu kushiye ngaphandle umpetha womhlaba nowe-IAAF Diamond League uLuvo Manyonga ngenxa yomthetho othi kumele izwe ngalinye limelwe wumdlali oyedwa umdlalo ngamunye ukwenza amaqembu ahlukene ngokwamazwekazi. Umdlali ophuma phambili umdlalo ngamunye uthola imali elinganiselwa ku-R459 000.
Iqembu phakathi kwe-Afrika, America, Europe ne-Asia Pacific eliqede liqhwakele ngamaphuzu lithathe isicoco seContinental Cup.
Njengoba isizini isivaliwe abadlali sebezolungiselela i-IAAF World Championship aseDoha, eQatar, ngonyaka ozayo.
USemenya usalinde isinqumo seCourt of Arbitration for Sport okumele ilalele isikhalo sakhe nge-IAAF ebeke umthetho wokuthi abasifazane imizimba yabo ekhiqiza i-testosterone engaphezulu kunejwayelekile bangagijimi kwi-400m, 800m ne-1500m. Lo mthetho kulindeleke uqale ukusebenza ngoNovemba 1. Kuthiwa abagijimi abasesimeni sikaSemenya kumele badle imishanguzo yokwehlisa i-testosterone ukuze baqhubeke nokuncintisana kula mabanga.