UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, ekhuluma nabezindaba ehleli eceleni kukaThemba Zwane ngaphambi kowomlenze wokuqala wowamanqamu weCaf Champions League
Image: BACKPAGEPIC
ISINQUMO somqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMigeul Cardoso, nezizathu zakhe zokuziba insephe enguThemba “Mshishi” Zwane kowamanqamu weCaf Champions League, kuyohlale kumataniswa nethuba laleli qembu laseChloorkop lokwengeza inkanyezi ejezini lalo eliliyeke ngokudedela iPyramids FC.
ISundowns ikhale ngaphansi ngo 2-1 kwiPyramids yase-Egypt emdlalweni womlenze wesibili wamanqamu weChampions League obungeSonto, e-30 June Stadium, eCairo.
Owomlenze wokuqala owawuseLoftus Versfeld ngeledlule, wawuphele zibambene ngo 1-1 okwenze kwaba wu 3-2 sekuhlanganiswe nowayizolo.
Kuyona yomibili imilenze yowamanqamu okugqamile ukuthi iSundowns ibiwashiye ebhentshini (Zwane) amaqhinga okubhobosa udonga lwePyramids obelwala ukhasha.
UZwane (35) uke wahlala isikhathi eside engadlali kusulela elimale kwiBafana Bafana kodwa isizini yeBetway Premiership ithe iqambe isongwa ubeseqalile ukubonakala enkundleni.
Isithunzi sakhe nokukwazi ukwenza izinto zenzeke, uZwane ukukhombise kowandulela owamanqamu lapho angena khona seliyoshona nangempela laqhamuka igoli elafaka iDowns kowamanqamu. Kulo mdlalo iSundowns yayibhekene ne-Al Ahly yase-Egypt.
Ngesikhathi uCardoso eshiya ngaphandle uZwane kowomlenze wokuqala, wazithethelela ngokuthi akafuni ukumgxisha eduze ngemidlalo kwazise umongela iFifa Club World Cup eqala ngoJuni 15, e-United States of America (USA).
“Njengabo bonke abadlali, uZwane akumphathanga kahle ukusala ngaphandle kodwa kungumsebenzi wami ukubasebenzisa ngendlela engibona ifanele abadlali,” kwasho uCardoso ngemuva kowomlenze wokuqala.
Kuqapheleke umdlalo usaqhubeka ezinkundleni zokuxhumana ukuthi abathandi bakanobhutshuzwayo ngisho nabangahlangene neSundowns abahambisani nesinqumo salo mqeqeshi sokuqhubeka nokuziba uZwane.
Esithangamini nabezindaba, uCardoso ubuziwe ukuthi yini edale ukuthi angamfaki uZwane kule mizuzu angu-180 namanenjana owamanqamu womqhudelwano omkhulu kunayo yonke ebholeni lase-Afrika.
“ISundowns ibusiswe ngenqwaba yabadlali beqophelo eliphezulu okuhlanganisa naye uZwane. Ngiyaqonda ukuthi ufuna ukuyaphi nombuzo wakho kodwa angiboni kuyisikhathi esifanele ukukhuluma ngabadlali ngabodwana,” kusho uCardoso eCairo.
Isikhathi esiningi abaqeqeshi bakanobhutshuzwayo baphazanyiswa yizinqumo okusuke kungeke kubaphazamise ndawo ukungazithathi.
UZwane yisithandwa sabalandeli, yebo kodwa ukubakhona kwakhe enkundleni kujabulisa ngisho abadlali beSundowns okuvamise ukulandelwa ukuqaqeka kwamabhawodi asuke eboshwe yizitha njengoba bekwenza kwi-Al Ahly.
Uma umqeqeshi eshiya umdlali onjengoZwane ngaphandle iqembu lingawini, uzakhela "izitha" ezihlanganisa abadlali abasekhempini, abaphathi nabalandeli asebeqalile ukuzwakalisa ilaka labo ngesinqumo sikaCardoso ezinkundleni zokuxhumana.