Kaizer Chiefs KUVALWE ngehlahla kwiKaizer Chiefs ngesikhathi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, eshiya ngaphandle abadlali baleli qembu laseNaturena.
Image: BackpagePix
KUVALWE ngehlahla kwiKaizer Chiefs ngesikhathi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, eshiya ngaphandle abadlali baleli qembu laseNaturena.
UBroos oqophe umlando ngokuba ngumqeqeshi weBafana ohlale isikhathi eside (iminyaka emine) ubebabizile abadlali baMakhosi esikwatini sabangu 41 ebesisazonqanyulwa. Kodwa izolo basale ngaphandle esememezela esabangu-23 esizodlala imidlalo yobungani neTanzania ngoJuni 6 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, neMozambique ngoJuni 10 eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
Kwesabangu-41 bekukhona ukaputeni weChiefs, uYusuf Maart, unozinti uBruce Bvuma noMduduzi Shabalala.
Bekubhekwe ukuthi uBroos uzobafaka abadlali beChiefs kulandela ukuwina kwabo iNedbank Cup emasontweni adlule.
"Okwamanje angikwazi ukuqoka abadlali beKaizer Chiefs futhi ngiyathemba ukuthi bazokwenza kangcono ngesizini ezayo. Yebo, bayiwinile indebe kodwa yilokho kuphela esingakhuluma ngakho okwenzekile. Okunye akukho. Akukho engikubanga neChiefs. Kodwa kufanele ngibe neqiniso ekuqokeni kwami isikwati. Kusezandleni zabo, mhlawumbe ngesizini ezayo bazofinyelela ezingeni engilibhekile eqenjini elifana neChiefs. Uma kunjalo ke, ngizobaqoka abadlali bayo,"kusho uBroos.
Abadlali beMamelodi Sundowns bashiywe ngaphandle kwazise balungiselela owamanqamu weCaf Champions League abazowudlala nePyramids yase-Egypt ngeSonto nomqhudelwano iFifa Club World Cup ezoba se-USA ngenyanga ezayo.
“Abadlali abasesikwatini sabangu-23 yingoba kubafanele nokuthi le midlalo emibili esiya kuyona akukhona ukuthi kufanele siyinqobe noma yikanjani,” kusho uBroos.
“Ngiyazi kuzokuba nemibuzo ngabangenile nabasalile kodwa iqiniso wukuthi ngeke badlale bonke ngesikhathi esisodwa kanti nesimo asijwayele ukusivumela ukuthi kubekhona abadlali abahlolwayo.
“Akekho umdlali obanjelwe igqubu futhi ukubalwa esikwatini ebesingakanqanyulwa kusho ukuthi usemehlweni abaqeqeshi beqembu lesizwe. Kunohlelo lokuthi abadlali bayosiza iBafana kwiCHAN ngoba kulokhu ingaphansi kwekhalenda leFifa."
Isikwati seBafana simi kanje:
Onozinti: Renaldo Leaner, Ricardo Goss noSipho Chaine.
Izitobha: Sydney Mobbie, Samukelo Kabini, Thabo Moloisane, Nkosinathi Sibisi, Khulumani Ndamane, Mbekezeli Mbokazi, Deano van Rooyen noFawaaz Basadien.
Abasesiwini: Luke le Roux, Thalente Mbatha, Ndamulelo Maphangule noSimphiwe Selepe.
Abaphambili: Oswin Appollis, Patrick Maswanganyi, Ashley Cupido, Relebohile Mofokeng, Tshepang Moremi, Yanela Mbuthuma, Mohau Nkota noSinoxolo Kwayiba.