UMGADLI omusha weMamelodi Sundowns, uJeremy Brockie, uzwakalise ukuphoxeka ngenkulumo yomqeqeshi weSuperSport United, u-Eric Tinkler, omsole ngokuthi umqondo wakhe ubungasekho kuMatsatsantsa a Pitori.
UBrockie waseNew Zealand umenyezelwe ekubeni ngumdlali weSundowns emuva kweminyaka efunwa ngumqeqeshi uPitso Mosimane.
Izolo esithangamini nabezindaba ebesibizwe ngusihlalo weSundowns, uPatrice Motsepe, eChloorkop, uBrockie wethulwe ngokusemthethweni nabanye abadlali, okunguSiyabonga Zulu osuka kwiPlatinum Stars, Aubrey Ngoma obegijima kwiCape Town City noGasten Sirino obedlala eBolivia.
Nakuba uBrockie eveze ukuthi uyakujabulela ukuthi uzodlala ngaphansi komqeqeshi osekunesikhathi emfuna kodwa uphoxekile ngenkulumo kaTinkler ekubeni eyisebenzele kangaka iSuperSport.
Emuva kokuthi iSuperSport ihlulwe yiBidvest Wits emasontweni edlule emdlalweni weligi, uTinkler uthe uyabona ukuthi uBrockie akasekho kuleli qembu.
UBrockie ubhokelwe yisomiso samagoli ngezinsuku zakhe zokugcina kuMatsatsantsa. Ushaye amagoli angu-54 kwiSuperSport kumasizini amathathu.
“Ngayibona leyo nkulumo, yagcwala nasezinkundleni zokuxhumana. Ngaphoxeka kakhulu. Ngicabanga ukuthi iqembu ngilisizile nalo langisiza ukuzuza impumelelo enkulu eNingizimu Afrika. Mhlawumbe ubesazi ukuthi sekuqedwe konke ngaphambi komdlalo,” kusho uBrockie.
“Bekungiphatha kabi ukungabe ngisashaya amagoli ngoba kusukela ngafika eNingizimu Afrika amathuba emidlalweni abehlale ekhona. Kodwa ezinyangeni ezimbalwa ezedlule lawo mathuba avele ashabalala. Akuyona into ephathana kabi ukuthola amathuba kodwa ukungawashayi amagoli. Kodwa uma ungasawatholi amathuba uyaqala ucabange izinto eziningi ukuthi kukhona yini ongakwenza ukuze ushaye amagoli. Lapha (kwiSundowns) sengishaye amagoli ambalwa ejimini.
Ngendlela iSundowns ewakha ngayo amathuba, ngizolishayela amagoli leli qembu.”
KwiSundowns iBrockie uzovala isikhala esivuleke emuva kokuhamba kukaLeonado Castro osengumdlali weKaizer Chiefs. Kusukela kuhambe uCastro iSundowns ibingenaye umgadli ohlala ebhokisini okuphoqe uMosimane ukuthi adlalise uPercy Tau obeyibamba ezinhlangothini.
“Okungidobe kwiSundowns yisifiso sayo sokuwina yonke imiqhudelwano. IChampions League kukhulunywa ngayo kakhulu kuleli qembu futhi bafuna ukuphindela kwiClub World Cup.
Ngizizwa ngihloniphekile ukuthi iqembu likhombisa ukuthembela kimina ukuze lifike lapho,” kusho uBrockie.