UMGADLI weMamelodi Sundowns, uJeremy Brockie, ukholwa wukuthi nakuba engekho kuleli qembu omfakela ingcindezi ngokushaya amagoli kodwa sekufanele aqale ukwenza umsebenzi awuthengelwe eChloorkop.
UBrockie usayine kwiSundowns esuka kwiSuperSport United ngenyanga edlule emuva kwesikhathi efunwa ngumqeqeshi, uPitso Mosimane. Ukufika kwakhe kujabulise ngisho umengameli uPatrice Motsepe.
Nokho kuze kube yimanje uBrockie akakashayi nelokubika igoli kusukela esayine kwiSundowns. NgoLwesihlanu lo mgadli uphinde wehluleka “ukususa isikhwakhwalala” ngesikhathi iSundowns ikhipha iCape Town All Stars ngo 1-0 kwiNedbank Cup. Igoli lishaywe nguPercy Tau esiwombeni sesibili.
UBrockie usashaye igoli elilodwa emidlalweni ye-Absa Premiership kule sizini. KwiCAF Confederation ubasele ayisishiyagalolunye.
“Uma ufika eqenjini elisha uhlale ufisa ukuzinza ngokushesha, ushaye amagoli. Angiwatholanga amathuba amaningi sibhekene neCape Town City, ngiphoxekile ngebhola elishaye ipali sibhekene neChiefs. Kuyasondela kancane, kancane. Nginesiqiniseko sokuthi uma ngingashaya igoli azogeleza,” kusho uBrockie.
“Ayikho ingcindezi engiyitholayo ethimbeni labaqeqeshi nabadlali. Bayazi ukuthi uma kwenzeka kuzokwenzeka. Kodwa ngilethwe lapha ukuzoshaya amagoli. Yilokho engikhokhelwa ukuthi ngikwenze. Ngifuna ukuqala ukuwashaya ngokushesha. Ngifisa manje ukungakhulumi ngokushaya elokuqala kodwa ngizibekele ukuthi mangakhi engifuna ukuwashiya enethini.
“Ngicabanga ukuthi ukukhuluma eyomklomelo iGolden Boot ayisekho kodwa kule midlalo engu-10 esele, nakuba lokho kuncike emidlalweni engizoyidlala, nokho uma ngingashaya amagoli ayisikhombisa noma ayisishiyagalombili ngizobe ngikwenzile okungangami.”
Emdlalweni olandelayo wePremiership, iSundowns izokwamukela iFree State Stars eLoftus Stadium ngoFebhuwari 21 eLoftus Versfeld, ePitoli.
AmaBrazilians ahlezi phezulu kwi-log ngamaphuzu angu-38 emuva kwemidlalo engu-20. Avule igebe lamaphuzu ayisihlanu phakathi kwawo ne-Orlando Pirates esendaweni yesibili ngawu-33.
“Sikhulumile singabadlali ngokuthi sinethuba lokuwina izindebe eziyisithupha kulo nyaka, okukhona kuzoba neNedbank neligi. Sifuna ukuwina yonke imiqhudelwano esikuyona. Yilokho engikuthokozelayo ukuba kuleli qembu, lifuna ukuwina zonke izindebe. Kwesinye isikhathi lokho akwenzeki kodwa yilokho abafana abazimisele ngakho,” kusho uBrockie.