UKHULEKANI Madondo ongazisoli ngesinqumo asithatha encamela ukuyodlala kwiNational First Division Isithombe: BACKPAGEPIX
AKAZISOLI ngokuchayisa amaqembu e-Absa Premiership, wehlela kwiNational First Division (NFD) uKhulekani “Chillies”Madondo obuyiselwe esigabeni esikhulu yiBaroka.

UMadondo, obekade engukaputeni weRichards Bay FC, udlale amasizini amabili kwiNFD. Unqume ukwehlela ehlathini emuva kokugawulwa yizembe nePlatinum Stars ekupheleni kwesizini ka-2016/2017. UMadondo uzakhele igama eyibamba enkabeni yenkundla kwiMaritzburg United nakuMaZulu. Ngesikhathi ehlukana neDikwena kade ekhona amfunayo kodwa wanquma ukungawuhloniphi umyalelo wemenenja yakhe uMike Makaab, wehlela kwiNFD. UMadondo usayine inkontileka yeminyaka emibili neBaroka.

“Ayekhona amaqembu ayengifuna, angiyanga kwiNFD ngoba sengiphelelwe. Angiyinakanga indaba yemali, akuyona into engiyifaka ekhanda kakhulu. Bengifuna ukudlala ibhola okuyinto engifike ngayithola kwiRichards Bay. Ngidlale imidlalo engu-26 ngesizini yami yokuqala, ngaphinda ngadlala engu-26 nangeyesibili. Ngihambe khona sengingukaputeni. Kungisize kakhulu ukudlala kwiNFD,” kusho uMadondo.

IBaroka engompetha beTelkom Knockout bangesizini edlule, ingelinye lamaqembu angene ashona emakethe njengoba kulungiselelwa ukuqala kweka-2019/2020 esikhathini esiyinyanga esizayo. Ngaphandle kukaMadondo, isayinise uGerald Phiri Jnr wodumo kwiDikwena, Kamohelo Mahasha, Sibonelo Ngubane, Manuel Kambala, Richard Mbulu noPhelelani Shozi.

UMadondo waseMphithi, kade ehola iqembu elishaya ngabadlali abanekhono kwiRichards Bay okukhona kubona uPaseka Sekese noSandile Mthethwa kodwa behlulekile ukuwina iligi. Akubuzwa ukuthi amava awathole kulesi sigaba okudlalwa kusona ibhola elidle ngejubane, kuzomsiza ekutheni azibekisele indawo esikimini somqeqeshi uWendson Nyirenda. Ngesizini edlule, uNyirenda uzame uThandani Ntshumayelo enkabeni yenkundla kodwa wanganeliseka uyena wagcina ngokukhululwa.

“Ibhola le-NFD liyashesha, alifani nelePremiership. Lifuna uzikhandle. Ngiyathemba ukuthi ukujwayela lona kuzongisiza kakhulu njengoba sengibuyela khona.

“Ngifisa ukusiza iBaroka ngokuthi ngisebenze kanzima okuyikho okwenze ingilande. Bashilo ukuthi sekunesikhathi eside bengilandela. Ngakho ngifisa ukuqhubeka nokusebenza kanzima ngendlela abangibone ngenza ngayo,” kusho uMadondo.