UQWEQWE lomqeqeshi ophethe izicoco ezine zeligi eNingizimu Afrika, uGordon Igesund, lusishayele ihlombe isinqumo sabaphathi bamaqembu amnyama, uKaizer Motaung weKaizer Chiefs noPatrice Motsepe weMamelodi Sundowns, sokugcina abaqeqeshi ekubeni bephikwa yimiphumela.
UKomphela usehlale kuMakhosi amasizini amabili nohhafu. Kuze kube yimanje lo mqeqeshi akakaze awine lutho. Iningi labalandeli beChiefs lilimise ngesihloko elokuthi akabone afika ngayo uma kuphela isizini.
Inkontileka yeChiefs noKomphela iyaphela ngoJuni. Sekuphele isikhathi eside abalandeli befuna axoshwe kodwa usihlalo weChiefs uMotaung akayingeni leyo.
ISundowns nayo ike yabhekana nesimo esifanayo ngesikhathi kufika uPitso “Jingles” Mosimane ngo-2012. Lo mqeqeshi uqale wabhedelwa yizinto esanda kufika kwiSundowns abalandeli bebefuna ahambe. UMotsepe umbekezelele waze wanqoba izicoco ezimbili ese-Absa Premiership, eseNedbank Cup, Telkom Knockout, CAF Champions League neseCAF Super Cup.
U-Igesund odle isicoco seligi neSundowns, Pirates, Santos neManning Rangers eminyakeni eyedlule, utshele leli phephandaba ukuthi abanye abaphathi bangafunda lukhulu kuMotaung noMotsepe.
“Ngaso sonke isikhathi uma izinto zingahambi kahle kuhlale kugxekwa abaqeqeshi. Abaqeqeshi abanikwa isikhathi esanele eNingizimu Afrika. USteve kubukeka eseyibambile kwiChiefs. UKaizer noBobby (Motaung) kumele banconywe ngesinqumo sabo sokubekezelela uSteve. Ngiyakhumbula ukuthi kwakuyinto efanayo nakuPitso kwiSundowns esanda kufika.
“Abantu babethi akahambe kodwa uMotsepe wamnika isikhathi. Buka manje iSundowns isihlale ibalwa namaqembu abanga isicoco seligi. Ngiyazi ukuthi kusuke kubhekwe lukhulu kuwena uma uya kula maqembu amakhulu kodwa kwesinye isikhathi izinto azihlangani ngokushesha,” kusho * -Igesund.
UKomphela usembangweni wesicoco se-Absa Premiership. Iqembu lakhe lihlezi endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-34 emidlalweni engu-21. Lisele ngamaphuzu amane kwiSundowns eqhwakele ngawu-38 emidlalweni engu-20.
Amakhosi asanda kuzibekisela indawo kwiLast 16 yeNedbank Cup ngemuva kokuguqisa iLamontville Golden Arrows emzuliswaneni wokuqala. Azotholana phezulu neStellenbosch FC.
“Ukuwina iligi akuyona into evele yenzeke kalula. Kuthatha amasonto, izinyanga kwesinye isikhathi iminyaka ukunqoba isicoco seligi. IBidvest Wits ayizange iyinqobe iligi ngesizini yokuqala kaGavin Hunt. Kumthathe iminyaka ehlanganisa iqembu waze wagcina eyinqobile. Umqeqeshi ungamkhomba indlela uma esehlulekile ngemuva kweminyaka emine noma emihlanu. Phela kuthatha isikhathi ukuthi abadlali bayiqonde kahle indlela asuke efuna ukwenza ngayo izinto,” kusho u-Igesund.
IChiefs yagcina ukuphakamisa isicoco ngamasizini amabii nohhafu adlule.
“Umbango uphakathi kwamaqembu amathathu njengamanje. IChiefs, Sundowns nePirates” kuphetha u-Igesund.